UMNDENI kaSbahle Mpisane uthi impilo yakhe kayisekho engozini yize ukululama kwakhe kuzothatha isikhathi eside ngenxa yokulimala kwakhe engozini yemoto ngenyanga edlule.
USbahle walimala ehamba ngeBMW 4 Series Convertible emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue ngo-Agasti 9. Imoto yakhe yaphuma emzileni yashayisa isihlahla ngaphambi kokugqamuka amalangabi.
Uyise kaSbahle, uSbu Mpisane, uthe indodakazi iyalulama esibhedlela eSt Augustine.
“Uyabuyela esimeni ngemuva kokuba segunjini labagula kakhulu esesimeni esibucayi futhi ephila ngemishini amasonto. Yinto ongayibiza ngomlingo kaNkulunkulu. Akasekho esimeni esibucayi kodwa ngoba alimala kanzima nje engozini, kuyacaca ukuthi ukululama kwakhe kuzothatha isikhathi. Amathambo aphukile ajwayele ukuthatha izinyanga ukuze ahlangane, ngakho ukukhishwa kwakhe esibhedlela akusiyo into esingayicabanga okwamanje kodwa ubuchwepheshe bungangiphikisa,” kusho uSbu.
Uthe babonga uMdali nethimba lasesibhedlela ngokusebenza ngokuzikhandla. Ubonge nemithandazo elokhu ingena yokuthi indodakazi yakhe ilulame ngokushesha.
Ngempelasonto isoka likaSbahle eliphinde libe ngunozinti weBafana Bafana, u-Itumeleng Khune, libhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lijatshuliswe wukuzwa iphimbo likaSbahle.