UMBUSO usumemezele ukuba sichithwe isicelo esifakwe owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, sokuba kushenxe esikhundleni umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer.
UMbuso uthi umthetho uSection 106 (1)(h), okuyiwo uZuma awusebenzisile ukufaka lesi sicelo, unikeza ilungelo lokwenza isicelo sokuba kushenxe esikhundleni umshushisi kuphela uma kuwukuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi eqokwa njengomshushisi.
UZuma wafaka isicelo sokuba uDowner ashenxe esikhundleni njengoba emsola ngokuchema.
Phakathi kwezinye izinsolo ezenziwa uZuma esicelweni sokuba kukhishwe uDowner, wasola lo mshushisi ngokuputshuzela abezindaba imininingwane ebucayi yecala nokuvumela ukugxambukela kwezinhloli zasemazweni aphesheya.
UZuma ufuna achithwe amacala angu-16 enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali ngendlela engekho emthethweni uma kuwukuthi siyaphumelela isicelo sokuba kushenxe uDowner.
Kepha encwadini yokuziphendulela, uMbuso ufuna ukuba iNkantolo eNkulu eMgungundlovu isichithe lesi sicelo sikaZuma njengoba kungekho lapho kuvela khona ukuthi kukhona okungahambanga kahle ekuqokweni kukaDowner njengomshushisi.
UMbuso uthe zikhona ezinye izindlela ezingasetshenziswa nguZuma uma efuna kushenxe umshushisi uma esola ukuthi uchemile.
Emaphepheni enkantolo afungelwe, uDowner uphinde acele inkantolo ukuba iqhubeke nokushushisa uZuma noma ngabe kuthiwa siyaphumelela isicelo sokuba yena ashenxe.
“Bakhona abanye abashushisi ababili abangakwazi ukuqhubeka necala noma kungathiwa mina ngiyashenxa,” kusho uDowner.
Emaphepheni enkantolo uDowner uthi abukho ubufakazi bokuthi wayazi ngezinsolo ezenziwa nguZuma zokugxambukela kwezinhloli zaphesheya nosopolitiki.
Ukuphikile ukuthi kwaba khona ukugxambukela kwezinhloli zasemazweni aphesheya kulolu phenyo.
Leli cala lizophindela enkantolo ngomhlaka 19 July lapho kuzolalelwa khona lesi sicelo.
Kuleli cala uZuma uboshwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
I-Thales isolwa ngokunikeza uZuma intshontsho lika-R500 000 laminyaka yonke emva kokuba le nkampani ihlomule ngethenda yokuthengwa kwezikhali kuleli.
UZuma neThales bawaphika wonke la macala ababekwa wona ngesikhathi kuqala ukuqulwa kwaleli cala ngenyanga eyedlule.