MHLELI: Lafa elihle kakhulu, lafa sibhekile, singeke sisenza lutho, siwobani nje kodwa? Siwonombolo bani nje ezinombolweni sezizonke?
Iyanyanyisa le nto yonontandakubukwa, ophoshozwayo, novovoliyakhipha okuthi ngokuzwa nje ngokudlula komuntu emhlabeni, uthole umuntu usefaka kwiselula yakhe ukuthi RIP sibanibani.
Mhlawumbe mina njengelungu lomndeni angikaziswa kodwa kuthiwe nje, awuphuthume ekhaya. Ngazi isifo sihlonishwa, kuzothwa hhayi le nto.
Angazi ngempela ukuthi naniyekeleni ukufundela ukucoshela izindaba ngoba anicushwa bothathekile. Thina siyanibuka nje, ubona sakhetha ukuyoxova izinkwa nje sasibalekela le nto yenu, yokuzenza izintatheli ningezona. Yekanini kusadliwa ngoludala!
Mndeni Bhengu
e-Bulwer