MHLELI: Kwelakho ngicela ukudlulisa isicelo sami kwi-IEC namakhansela onke jikelele eNingizimu Afrika ukuthi kunikezwe abangasebenzi ithuba lokuthola okuncane.
Sekukaningi ngiyovota noma kuyimicimbi kamasipala ngibone kusebenza abantu abavele besebenza. Abanye bangothisha abanye besebenza kuhulumeni ngokwehlukana kwezigaba okanye koMaspala nasemafemini. Ngokwami thina esisebenzayo ake sidedele abangasebenzi nabo basebenze singabi nomona.
Ngiyazi njengoba kuzovotwa nje uzobabona othisha bevotisa abantu kodwa kuyaziwa eNingizimu Afrika ukuthi sinenkinga yabantu abaningi abangasebenzi. Bantu abamnyama ake siyekeni umona nokufuna imali itholwe yithi kuphela.
Asidedele nabanye abangasebenzi bahlafune nabo ebese ngicela kwi-IEC noma kumasipala ubhale amaphepha anamathiselwe ezitolo esithenga kuzo kuthiwa sicela abangasebenzi abazokwazi ukusebenza kusukela mhlaka bani kuya mhlaka bani beze namapasi abo bazogcwalisa amafomu sizoqasha okwesikhashana. Unyaka nonyaka kushintshwe abantu, kungabi ubuso obubodwa minyaka yonke ukuze bonke abangasebenzi bahlafune nabo.
Mhlawumbe bangakwazi nokuthola imali yokuqhubeka nokufundela amakhono bazithuthukise nje nabo baxoshe ikati eziko. Siyazi bothisa kuvotelwa ezikoleni zenu isikhathi esiningi kodwa yekani umona. Dedelani abantwana benkosi basebenze, eyenu imali nizoyithola kuhulumeni nyanga zonke niyeke amatoho kuhlomule abahlwempu.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
Empangeni