MHLELI: Ngithi angibabaze ukwesula ngesigubhukane kobengumsakazi woKhozi FM uMdonso.
Imithombo yezindaba ibike ngezinsolo ezishaqisayo nezibhekiswe kwabanye babasakazi ngaphakathi emsakazweni.
Laba basakazi bayisibonelo esibi emphakathini futhi lokhu abakwenzile bakhombise ubuvaka obuyinqaba ukuthi sebengaze basabise umuntu wesifazane ngenxa yobugovu nokuba nenhliziyo egobileyo.
Eqinisweni eliphelele, kuyacaca ukuthi bangobani uma kuthiwa abesibongo esifanayo.
Akekho ongazi ukuthi emuva koshintsho lwezinhlelo lwanyakenye oKhozini FM kukhona abasakazi abaphucwa izinhlelo ezithile ikakhulukazi olomculo wesintu okucacayo ukuthi namanje abakaxoli emoyeni.
Okufike kwangiphatha kabi yinkulumo eshiwo nguMdonso ekhuluma nephephandaba Isolezwe uma ethi “ngingamane ngilambe kunokuba ngifele umsebenzi.”
Noma ngingazi ukuthi ubesatshiswa ngani uMdonso kodwa abenzi balokhu angeke balibone izulu bangoSathane uqobo lwabo. Bafuna ukwenza izinto ngenkani nangendlela bona abafuna ngayo.
Thalente Ncube,
eThekwini