MHLELI: Igama lami nginguPortia wakwaNgobese ohlala eLambothi, eMandeni. Nginemnyaka ewu-15, ngenza ibanga leshumi.
Ngibhala njengomfundi okhathezekile ngekusasa leNingizimu Afrika.
Ukuhlala odabeni singabantu kasifani futhi sinamaphupho angafani. Sonke sifakwa esikoleni ukuthi siyozama ikusasa elingcono. Kuke kungikhathaze mina ngingumfundi weSayensi ukubona abafundi esikoleni bengena ezintweni ezingalungile, okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukuphuza uphuzo oludakayo esikoleni kanye nokudoja amakilasi.
Yebo ngiyavuma ukuthi lokhu kungadalwa yingcindezi yabangani ohamba nabo kanye nokuthanda izinto. Kodwa namuhla bengithanda ukuveza enye yezimbangela enganakekile - ukukhethelwa ngabazali izifundo kanye nengcindezi abayifakayo kithina siyintsha ekutheni senze imisebenzi ethandwa yibo kusasa.
Ngenkathi umfundi enza izifundo angazithandi vele azoba maningi amathuba okuthi leso sifundo angasiphasi kahle ngoba vele usuke enza into angayithandi. Ngenkathi enziswa izifundo angizithandi ugcina eseqala ukulova nokubhaca ngezindonga zesikole. Uthole ukuthi ukhona esikoleni kodwa akekho ekilasini. Ngenkathi engekho ekilasini ugcina eseba nesithukuthezi abese ezwana nabenzi bokubi agcine esenza izinto ezimbi naye. Kukhona abafundi abangenzi kahle esikoleni kodwa amanamathalente angabaphumelelisa empilweni.
Abazali kufanele bazi ukuthi sisengaya emaFET sithole amakhono esingaziphilisa ngawo. Imfundo ibalulekile impela kodwa abanye bethu basengaphumelela ngokusebenzisa iziphiwo zabo namathalente abo.
Baningi abantu abamosha iskhathi besesikoleni bengayitholi inqubekela phambili. Abanye bafunda nje benzela abazali nomakhelwane abahlezi belinde ukubabiza ngezahluleki.
Iphuzu lami lisekutheni singabantu sinamaphupho neziphiwo ezingafani kodwa kufanele kwamukelwe lokho sithole ukwesekwa emaphusheni ethu.
Portia Ngobese