SIDIDEKILE esinye sezikhulu zikaMasipala waseJozini kwezokuXhumana esingasaholi njengoba sithi lokhu kwenzeka ngoba senqaba "ukujabulisa" uMnuz Mfananaye Mathe oyiMeya kuloMasipala.
UNkk Sinenhlanhla Mthembu waseMthunzini, eMpangeni ugeqe amagula ngakubize ngokuhlukumezeka kwakhe athe bekuvela kwimeya, uMathe athi kwasuka ekutheni wathi kumele nakanjani "amjabulise''.
Uthi akazange aqonde ukuthi uma ekhuluma ngokumjabulisa ukhuluma ngokocansi noma ufuna amnikeze imali.
Ngokusho kwalo wesifazane, ukuhlukumezeka kulo masipala uqale ukukuthola ngesikhathi esanda kuwujoyina ngo-2021.
"IMeya uMathe yangitshela emehlweni ukuthi yona ufuna ukujatshuliswa yimina. Lento eqala ukuyisho ngangizitshela ukuthi uyadlala.
“Kodwa kuthe uma eqhubeka eyisho ngaqaphela ukuthi uyisho nje akadlali,'' kusho uNkk Mthembu.
Ngokusho kwakhe uthi lo myalezo wawuthola esesibhedlela futhi egula kakhulu nokuyikhona okwenza ukuthi aphuze ukuthi awuthole.
"Lo myalezo ngawuthola emva kwesikhathi ngenxa yokuthi ngangigula kakhulu. Kuthe sengizama ukubuyela kuyena wathi mangingabe ngisazihlupha futhi mangimane ngicishe inombolo yakhe ocingweni lwami naye futhi uzokwenza kanjalo,''echaza.
Uthi kusukela lapho impilo imane yanzima kakhulu ethola ukuhlukumezeka okungapheli emsebenzini.
"Kusukela lapho bengihlukunyezwa ngize ngizibuze ukuthi ngoneni le engaka,'' ebalisa.
Uthi kuthe esababaza ukuhlukunyezwa akutholayo ehhovisi lemeya wabona ephepheni sekukhangiswe ngomsebenzi wakhe ukuthi kudingeka ozowenza.
''Ngempela wafika ozokwenza umsebenzi wami, mina kwathiwa mangiphume ehhovisi ngibone ukuthi ngisebenzela kuphi ngaphakathi ebhilidini likamasipala.
“Kusukela lapho-ke bengisebenza ngaphandle kwehhovisi. Ngigcine sengiduba ngase ngithatha isinqumo sokuba ngimane ngisebenzele emotweni,'' usho kanje.
Ukhala kakhulu ngokuthi umholo wakhe kawusangeni ekubeni esangumsebenzi kamasipala.
Uthe uzamile ukuxhumana nabengamele izindaba zabasebenzi ngaphakathi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Utshelwa ukuthi kunomyalelo wokuthi umholo wakhe awungaphumi, kodwa isizathu asicaci ngoba akaxoshiwe futhi akukho nkundla yokuqondiswa kwezisebenzi ayihambayo.
Uthi utholile ukuthi imali yakhe ayingeni ngenxa yokuthi waxabana nemeya, kodwa wenqaba ukulandisa kabanzi ngokuthi lokho ukuzwe ngobani.
Uveze ukuthi udaba useludlulisele kwaCCMA bazohlangana khona ngesonto elizayo.
Leli phephandaba linawo amaphepha aqinisekisa ukuthi udaba lwalo wesifazane nemeya bazohlangana enkantolo yabasebenzi ngoLwesine.
Eziphendulela uMathe uthe wayezoze acele ukujatshuliswa umsebenzi nje yingobani?
Uthe yena njengomeya akanalo ilungelo lokuthi angaxhumana nomsebenzi.
Wathi futhi akazi ukuthi kunomsebenzi osekuphele izinyanga imali yakhe ingangeni.
"Ukube kukhona into enjengaleyo ngabe sekufinyelelile ezindlebeni zami,'' usho kanje.