UMASIPALA wesiFunda iMajuba usuqale izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda yamanzi njengoba usuqashe nenkampani yonogada ezoqapha izindawo eziphakela amanzi emphakathini ongaphansi kwalo mkhandlu.
Lo msebenzi wokulungisa isimo samanzi ngaphansi komkhandlu uzinze eRamaphosa Settlements, eDannhouser. Kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoNovemba wonyaka ozayo.
UMkhandlu uzosebenzisa uR178 million ngalolu hlelo oluzosiza umphakathi waseRamaphosa nezinye izindawo.
Imeya yoMkhandlu, uMntwana uNdabuko Zulu, yethule izinhlelo zamanzi kumalungu omphakathi muva nje. Ithe umkhandlu uphoqeleke ukuthi ubeke eceleni uR45 million wokukhokhela inkampani yonogada ejutshiwe ukuba iqaphe amapayipi amanzi nayo yonke ingqalasizinda.
“ UR45 million uzokhokhelwa inkampani yonogada. Ngabe siwusebenzisa ezinkingeni zamanzi kodwa kumele sikubeke phambili ukugadwa kwamapayipi amanzi imini nobusuku, ngenxa yokuthi kubabantu abantshontshayo ezindaweni eziphakela amalungu omphakathi. Siyanxusa ukuthi nezinduna ukuthi zisilekelele ukukhuthaza abantu ukuthi akukuhle ukuntshontshwa kwamapayipi engqalasizinda yamanzi,” kusho uMntwana uZulu.
Umsebenzi uqale ngoJanuwari njengoba uzophothulwa ngoNovemba wonyaka ozayo.Ngawo kuvuleke amathuba omsebenzi angu-50.
Umphakathi wakule ndawo uke wavuka indlobane ukhala ngokunakwa ngezikhalo zawo zamanzi nangezikhulu zomkhandlu ebezingatholakali uma sekumele zichaze ngohlelo lwamanzi.
UMnuz Richard Zungu oyilungu lo mphakathi waseRamaphosa eDurnacol, uthe ukungabi namanzi bekwenza impilo ingabi lula neze.
"Umphakathi uke wacasuka kakhulu ngenxa yezikhulu ezazingatholakali ukuba zichaze ukuthi kwenzakalani ngamanzi. Okunye okwabacasula kwaba ukuthi uMeya uZulu wathi kubo sebakhe imijondolo bayiqamba ngoRamaphosa ngoba becabanga ukuthi bazosheshe bakhelwe izindlu. Lokho kwabacasula kakhulu. Nokho sihabule namhlanje ukuthi ukukhala kwethu kuzwakele futhi namanzi sesizowathola namathuba emisebenzi," kusho uZungu.