BAKHALA bayazithulisa abazalwane bebandla labasindisiwe laseThekwini, ngomfundisi wabo abathi ubajikele esiswini njengotshwala ngokufuna ukulala nabanye abesilisa basebandleni lakhe, osekuphoqe ukuthi adivose inkosikazi yakhe.
Isolezwe ngeSonto lithole lezi zindaba ngamanye amalungu ebandla, athe akhathazekile ngokwenziwa yilo mfundisi, abebengazi ukuthi uyisitabane.
Umfundisi kuthiwa waphuma ebandleni likaPastor Sthembiso Zondo, wasungula elakhe ibandla.
Kuthiwa ngesikhathi eshiya ebandleni likaZondo uphume namanye amalungu ebandla, abekholwa wukuthi unogcobo ngendlela ashumayela ngayo kodwa manje amakholwa athi kuyawathusa ukuthi uphila impilo ephambanayo nenkolo yobuKhrestu.
“Kumanje ibandla lihlukene phakathi njengoba iningi licasukile yisenzo sakhe. Ushela abafana, uthi yena kudala aphila le mpilo, wukuthi nje abantu bebengazi.
Kukhona omunye wesilisa amshelayo ebandleni ukuthi angathuki ngoba bakhona nabanye abesilisa abelala nabo khona ebandleni kodwa yinto efihliwe.
Wamtshela ukuthi yena ukwazi ukuya ocansini nabesilisa nabesifazane,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi umfundisi usolwa nangokucwila ezinkambeni zikaFaro, okuyinto ebingaziwa ngaye.
Uthe kumanje uyadivosa nenkosikazi yakhe ngenxa yale mikhuba yakhe ethusa abazalwane ebandleni.
Kuthintwa inkosikazi kamfundisi, ivumile ukuthi impela bayadivosa ngenxa yezinkinga ababhekene nazo emshadweni wabo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi siyadivosa nomfundisi kodwa kangikwazi ukudalula into esiyibangayo.
Okuningi ungakuthola kuyena ngoba kangifuni kube sengathi ngilwa naye ngokusebenzisa amaphepha.
Okubuye kwenze isimo sibe nzima kakhulu wukuthi sinengane nomfundisi, okuyinto engicabanga ukuthi nayo ingayiphatha kabi ukuthi ngidalule esidlangaleni okusiqhathe noyise,” kusho inkosikazi kamfundisi.
Uveze ukuthi njengoba esehlala ngokuhlukana nomfundisi futhi bedivosa, usethathe nesinqumo sokuyeka nesonto eliphethwe yilo mfundisi.
Uthe ubona ukuthi kuzoba sengathi udlala ngabazalwane uma engaqhubeka nokuya esontweni, ekubeni kunezinkinga ezingaka phakathi kwakhe nomyeni wakhe. Uthe njengonkosikazi kamfundisi, kunomsebenzi okumele wenziwe wuyena ebandleni, abonayo ukuthi ngeke wenzeke kahle uma eqhubeka nawo, ekubeni owakhe umshado usubhidlikile.
Kuthintwa umfundisi, ukuqinisekisile ukuthi uyadivosa nomkakhe.
“Indaba yokuthi ngilala nabafana kangiqali ukuyizwa ngawe.
Kunabantu engingazi inhloso yabo ukuthi yini, abafuna ukudicilela igama lami phansi. Angilali nabafana futhi angikaze ngibulokothe notshwala. Ukuhlukana kwami nonkosikazi wami akuhlangene nale nto eshiwo ngabantu ngami kodwa yizinkinga esibhekene nazo.
Kumanje ngihlala ngisatshiswa ngokuthi kunenkulumo eqoshiwe lapho ngishela khona owesilisa kodwa uma ngiyicela leyo nkulumo akekho ongithumelela yona.
Ngicela mfowethu uqhubeke nodaba mhlambe kuzomjabulisa lo ofuna ukudicilela igama lami phansi uma esebona ngivela emaphepheni ngento engalungile,” kusho umfundisi.
Uthe yena akadumile ngakho akaboni ukuthi kukhona okuzomlahlekela ngokubhalwa kabi. Ubuye wathi nasebandleni akukho nkinga, uyaqhubeka nokukhonza nabazalwane kahle.
Leli phephandaba linalo igama likamfundisi, elebandla nelenkosikazi yakhe kodwa ligodliwe ukuvikela ingane njengoba bedivosa. Ibandla lakhe lizinze edolobheni eThekwini.