MTHOKOZISI MNCUSENI
K UBUYE ithemba ngekusasa lakhe ebholeni elikhokhelayo umdlali waseThekwini obese ephenduke ifenisha kuMaZulu uPhilani “Maoti” Shange osayine kuChippa United ngenhloso yokuvusa udumo lwakhe azakhele lona esagijima kuLamontville Golden Arrows.
UShange bese ephenduke ifenisha oSuthwini kwazise ijezi ubelizwa ngendaba kuleli qembu kusukela laqasha uSteve Barker. NgoMsombuluko uShange uthulwe ngokusemthethweni njengomdlali weChilli Boys ephekwa nguRoger Sikhakhane.
Elumana indlebe naleli phephandaba uShange ulimise ngesihloko elokuthi kucishe kwaphela ngaye kuMaZulu kwazise ibimudla indaba yokubuka iqembu licwila ehlezi nezihlwele. UShange usegawulwe yizembe amasizini amabili elandelana esigabeni esikhulu. Ngo-2013/14 lesi sikhwishikhwishi somdlali waseNanda sigawulwe yizembe ne-Arrows.
“Angifuni ukubukeka njengomuntu okhuluma kabi ngeqembu lami lakudala. AmaZulu anendawo enhliziyweni yami futhi angitakule ngesikhathi esinzima kimina iqembu engikhulele kulona lidliwe yizembe. Konke kuqale kahle kodwa kuthe kungashintsha umqeqeshi kwaqala kwabhimba izinto,” usho kanje lo mdlali.
Uqhube wathi obekumbulala kakhulu enhliziyweni wukuthi ubethi noma eqiwa yijezi kodwa angabinalo ugqozi lokusebenza ngoba ubengatshelwa ukuthi ikuphi lapho kufanele abhukule khona.
“Ngiyaqonda ukuthi bonke abaqeqeshi banendlela yabo futhi banezinhlobo zabo zabadlali kodwa ngicabanga ukuthi kuwubulungiswa ukuthi noma umdlali umbona ukuthi akalona uhlobo lwakho, mtshele ukuthi akenze njani ukuze ezongena esikimini. Uma usuthule nje ungamtsheli lutho kodwa umbeka nezihlwele kuyona yonke imidlalo, usuke umbulala umqeda ngoba nokuzethemba kwakhe kuyaphela nya,” usho kanje lo mdlali.
NgokukaShange bekuthi noma esebona ukuthi uzolithola ijezi kodwa angabi nawo umdlandla kwazise izikhala bezivela ngoba kuphoqelekile.
“Akumnandi ukwazi ukuthi uzosetshenziswa ngoba kukhona abalimele. Lokho kukuqeda nya ukuzethemba kuwena kangangokuthi bekuthi noma sengibona ukuthi ngisethubeni lokudlala ngingabe ngisaba nawo umdlandla. Ngijabule kakhulu ukuthi ngisayiniswe umqeqeshi (Sikhakhane) olaziyo ibhola lami,” kusonga uShange.