AMALUNGU e-SACP ale aphetha ukuphawula ngesinyathelo sePhini lokuqala likaNobhala-jikelele wenhlangano, uMnuz Solly Mapaila, sokuthathela izinyathelo zomthetho uMengameli Jacob Zuma mayelana nesinqumo sakhe sokushintsha ikhabhinethi ngoMashi.
Engxoxweni abe nayo mayelana nenkohlakalo ngeSonto, uMapaila uthe usebhale incwadi efungelwe maqondana noZuma.
Ohlelweni iForum at 8 kwi-SAFM izolo, uMapaila wale waphetha ukukhuluma ngalesi sinyathelo sakhe sokumangalela uZuma.
NePhini likaSihlalo we-SACP kuzwelonke, uMnuz Thulas Nxesi, linqabile ukukhuluma ngale ndaba ngesikhathi libuzwa ngayo ohlelweni lwezindaba Ezanamuhla kuKhozi FM.
“Awukwazi ukuba kumbutho womzabalazo kodwa ungathembekile, sengiqaphele amanga amaningi akhulunywa ngumengameli Zuma. Yingakho ngisho emphakathini okokuqala ukuthi sengibhale incwadi efungelwa maqondana naye, sengithathe leso sinyathelo engibona ukuthi sibalulekile,” uMapaile ucashunwe esho kanje kwabezindaba.
UMapaile uthe uZuma udayise ngezwe emndenini wakwaGupta yingakho bengasabuthembi ubuholi bakhe.
Uthe bayazisola manje ngokuthi bafaka igxalaba ukuze angene esikhundleni.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Khumalo, uthe wumkhuba wayo omdala i-SACP wokuzama ukubamba ngobhongwane i-ANC.
“Encwadini yakhe iLong Walk To Freedom, uDkt Nelson Mandela uyakuveza ukuthi ubehilizisana njalo nowayenguNobhala-jikelele we-SACP, uMnuz Moses Kotana, aze amsole ngokuzama ukuqhwaga i-ANC,” kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe ubona sengathi i-SACP iyazi ngesinqumo sikaMapaila. “I-SACP okwamanje ibukeka ibumbene ikhuluma ngazwi linye yingakho uNxesi naye uMapaila benqabile ukukhuluma ngale ndaba kwabezindaba okukhombisa ukuthi yinto exoxiwe,” kusho uKhumalo.