I-EFF ithi uMkhuzi wamaPhoyisa omusha, uGeneral Fannie Masemola, kufanele agade uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele angamlawuli emsebenzini wakhe.
I-EFF ibiphawula ngokuqokwa kukaMasemola omenyezelwe wuMengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule. UMasemola uyiphoyisa elimnkantshubomvu embuthweni. I-EFF ithi uMasemola uhlalelwe wumsebenzi onzima wokulwa nobugebengu kodwa inselelo anayo enye wukusebenza eduze kukaCele.
“Wumsebenzi onzima lo. Kufanele aqaphele uCele, ongumuntu ozithwele futhi othanda ukugxambukela emsebenzini. Akamgade angawabukeli phansi amandla anikwe wona uMasemola. Kufanele abhekane nomsebenzi awunikiwe wokulwa nobugebengu. Angavumi ukuphazanyiswa,’’ kusho isitatimende se-EFF.
UMasemola uqokwe emuva kokushenxa kukaGeneral Khehla Sitole esikhundleni sakhe. USitole ushenxe emuva kwengxoxo nomengameli bavumelana ngokuthi ashiye ekubeni besingakafiki isikhathi sakhe. UMasemola ubevele esebenza eduze kukaSitole yena eyiphini lakhe. Unconywa ngamagalelo anawo embuthweni wamaphoyisa uMasemola. I-EFF ixwayisa bekusabalele ukuthi uCele akazwene noSitole nakuba bebesebenza ndawonye.
Umkhulumeli kaNgqongqoshe uCele, uNksz Lirandzu Themba uthunyelwe imibuzo ecelwa ukuba baphawule kulokhu okushiwo yi-EFF kodwa yangabuya impendulo.