NKOSIKHONA CELE
LIQINISA ubudlelwane elinabo namabandla ehlukene asesifundazweni saKwaZulu- Natal iqembu i-African Transformation Movements (ATM).
Lokhu kudalulwe nguMphostoli Mxolisi Phakathi oyilungu eliqavile laleli qembu futhi ophinde abe yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Muva nje leli qembu kade lihambele amabandla ehlukene, okukhona nelinye lamadala aseZayoni neselihlanganise iminyaka engu-100 laba khona.
Leli bandla yi-Ethiopian Holy Baptist Church in Zion (EHBCIZ) elaziwa kakhulu ngeleZikhova Ezimnqini kanti inkonzo ibiseZakheni, eMnambithi.
Lihambele nebandla iThrone of Grace eliholwa nguMbhishobhi Thabani Khumalo.
Lidlulele eNewcatsle enkonzweni yeRivers of Mercy Ministries (RMM) eholwa ngu-Arch Bishop TM Shongwe.
Amanye amabandla ahanjelwe yileli bandla yiNkazimulo Church of Christ neBandla leNkosi uJesu Msindisi.
"Kuyinto emqoka kakhulu ukuthi iqembu lethu libonakale liba nobudlelwane obuhle namabandla ehlukene.
“Siyakholelwa kakhulu ekutheni ukuze konke iqembu kulihambele kahle, liyadinga ukuba nobudlelwane namabandla,'' usho kanje.
Ugcizelele ukuthi lobu budlelwane akubona obesikhashana futhi abuncikile kuphela ngoba sekusondele isikhathi sokhetho lukazwelonke.
"Lobu ubudlelwane beqiniso esinabo namabandla ehlukene. Siyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi bumqoka kangakanani ukuthi sibe yiqembu elisebenzisana eduze namabandla,'' esho.
Ugcizelele kakhulu ukuthi kukhona konke abakwenzayo kuncika kakhulu eduze kwentando kaNkulunkulu ngoba kakade vele bamele lokho.
Uthembise ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisana namabandla noma ngabe seludlulile ukhetho.
UMphostoli Phakathi uphinde abe yilungu lokuqina lebandla, iTwelve Apostolic Church in Christ (TACC).
Leli qembu lisungulwe ngaphansi kwesisekelo senkolo yokubusa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni nje jikelele.