IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke isule esikhundleni sokuba yimeya kodwa iyasamukela isinqumo sobuholi be-ANC esifundazweni sokuyicela ukuba ihlabe ikhefu lenyanga.
Ubuholi be-ANC, obebuhlangene eMfolozi Casino eMpangeni ngempelasonto, buthathe isinqumo sokuthi uNkk Gumede ahlale ekhaya izinsuku ezingu-30 njengoba kusabhekwa udaba lwakhe oluthinta izinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa mayelana nethenda kadoti yezigidi.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uNkk Gumede uvumile ukuthi sikhona isinqumo esithathwe yi-ANC sokuthi ahlabe ikhefu lenyanga.
“Ngemuva kokuboshwa, isigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni sathi kumele ngithathe isinqumo sokuhlaba ikhefu kodwa abameli bami bangeluleka ngokuthi angingazithatheli mina isinqumo ngoba lokho kuzoba sengathi ngivuma icala ngento engingayenzanga bathi kungcono kube ubuholi obuthatha isinqumo,” kusho uNkk Gumede.
Uthe ikhefu lakhe lizoqala namhlanje. Kodwa uNkk Gumede ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke asule esikhundleni njengemeya.
“Ngeke ngisule esikhundleni sokuba yimeya ngoba uma ngenza njalo kuzoba sengathi ngivuma icala kanti vele le nto engisolwa ngayo ayikho. Mina angisilo uhlobo lwemeya oluthatha izinqumo, zikhona izikhulu ezithatha izinqumo kumasipala,” kusho uNkk Gumede.
Ngokomthetho wokulawulwa komasipala, njengoba imeya izobe ingekho emsebenzini, iPhini layo uNkk Fawzia Peer okulindeleke ukuthi lenze umsebenzi wemeya.
Ekhuluma nabezindaba eMpangeni, uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe abakwazi ukuphawula ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu sesifundazwe wengeza ngokuthi izinqumo ezithathiwe zizomenyezelwa nguNobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli kusasa esithangamini nabezindaba eThekwini.
Amaqembu aphikisayo eMkhandlwini weTheku azamukele izindaba zokuthi uNkk Gumede ucelwe ukuba ahlabe ikhefu lenyanga.
UMnuz Mdu Nkosi we-IFP uthe yize izindaba zokucelwa kwemeya ukuthi ihlabe ikhefu besazizwa emakhoneni kodwa bayakwamukela ukuthi ishenxe emsebenzini.
“Nizokhumbula ukuthi kade sasho ukuthi imeya ayithi ukugudluka ngoba ukuba khona kwayo mhlawumbe bekuzophazamisa abaphenyi becala nofakazi basabe,” kusho uNkosi.
Uthe bakholwa wukuthi uNkk Gumede kukhona abavikelayo enhlanganweni.
“Kwake kwathi ngelinye ilanga kunomhlangano wamakhansela alawula umkhandlu owawungavulelekile kwabezindaba uNkk Gumede wacela ukunikwa umbiko mayelana nethenda kadoti. Ngokwazi kwami umbiko kuze kube yimanje awukaze uvele, ngiyasola kukhulu okuzovela ngale thenda kadoti uma imeya ingakhuluma iqiniso,” kusho uNkosi.
Umholi wekhokhasi yeDA, uNksz Nicole Graham, naye uthe bayasamukela isinqumo sokugudluzwa kukaNkk Gumede. Uthe umkhandlu usengcupheni yokuwa ngenxa yokuthi imeya ayiwenzi kahle umsebenzi wayo.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal ongumcwaningi esikhungweni iXubera Institute, uMnuz Xolani Dube, usole i-ANC ngokuthatha izinqumo ezihambisana nemibango yangaphakathi enhlanganweni.
“Akumele uhole inhlangano ngokuthi ubani uhamba naluphi uhlangothi. Akuyena uNkk Gumede kuphela osolwa ngokuthile kwi-ANC bakhona nabanye njengeMeya yaseNewcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba kodwa akwenziwa lutho ngabo,” kusho uDube.
Uthe abangasamfuni uNkk Gumede yibona abamfaka esikhundleni.
“Inzondo ebhekiswe kuNkk Gumede imayelana nombango wokufuna ukudla imali eThekwini. Abantu abafaka imeya esikhundleni bebebheke ukuthi bazodla kodwa kwangaba njalo manje sebefuna iphume kungene omunye umuntu abazokwazi ukudla ngaye ngaphambi kokhetho lohulumeni bezindawo ngo-2021. Nginovalo lokuthi la bantu bazogcina sebebulalana,” kusho uDube.
USolwazi Bheki Mngomezulu uthe ucabanga ukuthi i-ANC ithathe isinqumo esikahle ngokucela uNkk Gumede ukuba ahlabe ikhefu hhayi ukuthi esule esikhundleni.
“Isinqumo esikahle lesi ngoba bekungekho kumthethosisekelo obekushiwo o-ANCYL ukuthi imeya kumele isule esikhundleni sayo icala libe lingakapheli, ungasho kanjani ukuthi umuntu akasule engakalahlwa yicala,” kusho uMngomezulu.