IBAMBE ofishi abakhulu i-ANC KwaZulu-Natal ijoyinwa abaholi abaqavile uMnuz Sizwe Mchunu, oke wahola iDA futhi oyilungu lesiShayamthetho laleli qembu, nomholi wentsha weNFP oyiPhini likaSihlalo waleli qembu uMnuz Njabulo Mlaba.
Laba baholi bathe abazange baphoqwe ukuthi bashiye amaqembu abo kodwa bajoyina i-ANC ngoba yiyona nhlangano engathuthukisa abantu bakuleli.
UMchunu, oke wahola iDA esiShayamthetho, uthe:“Akekho umuntu enginobudlewane obungebuhle naye kwiDA.
Angizange futhi ngifune ukuthi ngijutshelwe kunoma yisiphi isikhundla kwiDA njengoba ngayibhalela ngo-2016, ngithi ayingangijubi ndawo. Bese kuneminyaka emihlanu i-ANC ingishela ukuthi ngiyijoyine.”
UMlaba uthe i-ANC akulona iqembu nje lezepolitiki kodwa yinhlangano enamava okuyisa izwe phambili.
“Angizange ngithole ingcindezi ukuthi ngishiye kwiNFP. I-ANC yiyona nhlangano engathuthukisa izwe,” kusho uMlaba.
Ebamukela uNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bathole abaholi abanamava abebehola emaqenjini abo.
Uthe njalo bahlale beshela abantu ukuthi bajoyine i-ANC.
“Ngokwethu kumele ngabe wonke umuntu usekwi-ANC. Ingqophamlando le ukuthi sijoyinwe abaholi abanamava. Sizophuma la siyosebenzela abantu bakuleli,” kusho uNtuli.
Uthe i-ANC izonquma ukuthi izobajuba kuphi laba baholi njengoba bengamavolontiya.
UMchunu uthe akaxoshwanga kwiDA, kuvuleke isahluko esisha ngokujoyina kwakhe uKhongolose.
UNtuli uthe uMchunu uyikhulisile iDA esiyiqembu eliphikisayo eKZN.
“Kungaphansi kobuholi bakhe lapho izihlalo zeDA zandile zisuka kweziyisikhombisa, laya ekubeni yiqembu eliphikisayo.
Nguyena muntu omnyama ohole isikhathi eside kwiDA ezweni lonke. Uke waba yilungu lesigungu esiphezulu seDA iminyaka engu-10,” kusho uNtuli.
Umholi weDA eKZN, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bahlonipha ilungelo lokuzikhethela kumuntu ngoba unelungelo lokujoyina noma iliphi iqembu.
Uthe ucwaningo lukhombisa ukuthi iDA ikhula njalo uma kunokhetho, nakulolu khetho lwangoMeyi 8 akangabazi ukuthi izokhula.
“Okuseqhulwini wukuthuthukisa impilo yabantu nokufinyelela kubantu. Sigxile ekuletheni izinguquko ezweni.”
Okhulumela uMengameli weNFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe akuthi diki ngokuhamba kukaMlaba kwiNFP.
Uthe bakhalela ivoti lakhe abangeke besalithola kodwa ngaphandle kwalokhu akudikizi nqulu ngokuhamba kwakhe.
“I-ANC izothi ihlomulile kanti ithole ivila njengoba engakaze enze izinhlelo zabantu abasha. Ayikho nento ake ayisho esiShayamthetho,” kusho uMdletshe.
I-ANC ijoyinwe ngisho amakhasela eDA kuMasipala waseMsunduzi, uNkk Claudelle Chetty-Naidoo, ikhansela leDA e-ward 28, uRenesha Jugmohan, ikhansela leDA kwa-ward 30 noNalene Naidoo-Atwaru, obeyikhansela le-ward 33.