BESE eyihlolwe kwaze kwaba yizikhawu ezingu-23 iCorona obeyimeya yaseGoli, uMnuz Geoff Makhubo, ngaphambi kokuthi ashone.
UMakhubo ushone ngesonto eledlule kulandela ukuhaqwa yilolu bhubhane.
Enkonzweni yomngcwabo wakhe ebiseGoli izolo, kuvele ukuthi uMakhubo ubehlezi ezihlupha ngokuyohlolwa leli gciwane elabheduka kuleli ngonyaka odlule.
Njengemeya yomkhandlu oyisizinda sezomnotho kuleli, futhi onabantu abaningi kakhulu, kuvele ukuthi uMakhubo ubehlezi enemidlinzo yokuthi kungenzeka ukuthi igciwane selimhaqile ngenxa yokuthi ubehlezi ehambela imiphakathi, eyinxenxa ukuba ilandele imigomo ebekelwe ukulwa nalolu bhubhane.
Umgcinimafa jikelele we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, uthe uMakhubo ubehlezi ezama ngayo yonke indlela ukuvikela abasondelene naye ukuze bangatheleleki ngaleli gciwane.
“Ubehlezi eyohlola ukuthi alikamhaqi yini leli gciwane. Uye kohlolwa kwaze kwaba yizikhawu ezingu-23, kwezingu-22 zazo kwatholakala ukuthi akanalo igciwane. Noma kunjalo ubehlezi eqhubeka nokuhlolwa.
UMashatile ugqugquzele abantu ukuthi baqhubeke nokulandela imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kwalolu bhubhane.
“Ukushona kwakhe kuyisikhumbuzo sokuthi leli gciwane lisekhona. Kufanele sonke sizivikele ngokuthi sifake izifonyo, sigeze izandla siphinde sigcine ibanga phakathi kwethu nabanye.”
Undunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, uncome igalelo likaMakhubo ekulweni nalolu bhubhane.
“Ubesekhaleni lokulwa naleli gciwane kuleli dolobha. Ngimfanisa nesosha, ebelisempini. Ubekholelwa ekutheni uma ungumholi, kufanele uhlezi uya ebantwini, uyokhuluma nabo. Awukwazi ukuhola abantu ube ucashile.
UMakhura uthe balahlekelwe isosha ebelingahlehli, wathi njengoba iGoli nalo lihlaselwe izibhelu ezihambisana nokuzitapela ezitolo nokucekelwa phansi kwempahla, uMakhubo ngabe ubhekene nayo ngqo le mpi.
“Ngabe kade ehambile wayokhuluma nomphakathi e-Alexandra, ezame ukuthola isisombululo. Uyileyo nhlobo yomuntu, engasabi neze ukubhekana nezinselelo.”
UMakhura usebenzise inkulumo yakhe kulo mngcwabo wanxusa amaphoyisa ukuba abathathele izinyathelo obhongoza kulezizibhelu.
UMakhura uphinde wanxusa amalungu omphakathi nezinhlaka ezahlukene emiphakathini ukuba zisebenzisane namaphoyisa ukulwa nokucekelwa phansi kwempahla.
“Lokhu kuzitapela kuwubugebengu. Akusikhona ukuthi abantu balambile, njengoba sibona abantu abahamba ngezimoto ezibizayo, bezitapela ezitolo. Ngeke sivume ukubanjwa ngobhongwane yizigilamkhuba.”
Inkonzo yomngcwabo kaMakhubo ibihanjelwe abantu abambalwa njengoba izwe lisengaphansi kwesigaba sesine sikathaqa.