AYIFUNI nokuyizwa indaba yesonto likayise indodana yomholi wesonto laseMzimkhulu okwahlubuka kulo isonto lase-Eastern Cape, iMancoba Seven Angels Church.
UMnuz Msizi Jali uyindodana kaMnuz Ndumiso Jali oke wabambisana noMnuz Siphiwo Mancoba ongumsuguli weCrusade Church. Amadodana kaMancoba ahlubuka kuleli sonto ngemuva kokushona kukayise asungula iMancoba Seven Angels ngo-2015.
UJali, othi naye ubengasakwazi ukungena emzini kayise ngemuva kokushiya leli sonto ayesesonte kulo iminyaka eyishumi, uthe bese kunesikhathi engakwazi ukuya kubo. Uthe ubegcina ngokukhuluma noyise ecingweni.
“Ngayeka ukufunda kwaGrade 8 ngesikhathi ngisuka kumama sengizohlala nobaba. Ngatshelwa ukuthi inqubo yesonto ayikuvumeli ukuthi sifunde ngoba kunomoya kaSathane ezikoleni. Ngahlala njengoba kwakushiwo. Zaziziningi izingane ezazisesigabeni sokufunda ezazingafundi njengami. Kwakunezinto engangingazizwa kahle njengako ukuthi awuvumelekile ukukhuluma ngenkonzo yethu. Uma ubingelela umuntu awumbuzi impilo nokuthi uyilungu lesonto akabe esahlangana nomndeni wakhe. Ngake ngakhuluma nentsha eyayingangami sibona sengathi amalungelo ethu acindezelekile ngoba ngeke sisebenze imisebenzi ecacile ngoba asifundile. Bonke babebona njengami kodwa bengakaze baphile enye impilo besaba ukuphuma esontweni. Nganquma ukushiya kuleli sonto ngalibangisa eKapa ngiyozama impilo,” kusho yena.
Uthe wayazi ukuthi ukuphuma kwakhe kwakusho ukuthi akasakwazi ukuxhumana noyise. Yingakho bekunzima ukuthi avakashe yize uyise engazange asho ukuthi akangamvakasheli.
Eseshonile uyise uthe wakhuluma namalungu omndeni wawatshela ukuthi uyise uzongcwatshwa ngendlela ejwayelekile okungcwatshwa ngayo abantu.
“Amalungu esonto awazange ayizwe kahle into engangiyisho ngoba ayelindele ukuthi ubaba angcwatshwe emathuneni ethengwayo futhi angcwatshwe amalungu ebandla ambalwa. Iningi lawo lakhombisa ukungahambisani nengangikusho. Ngabacacisela ukuthi kuzoba khona namalungu omndeni azohlanganyela nathi. Sacela ukuthi basidedele sizile ngendlela esiyaziyo. Kwaba ukuhamba kwabo,” kusho uJali.
Uthe kuningi okumphatha kabi okukhulunywa ngabantu ngesonto likayise abathi likhonza enkolweni kaSathane.
“Ngesikhathi ngisasonta kulo bekuthiwa uSathane ungaphandle. Thina sikhonza uNkulunkulu. Angazi ukuthi yiliphi iBhayibheli elalifundwa ngoba iBhayibheli lalifundwa uMancoba kuphela. Iningi lezingane lalingakwazi ukufunda,” kusho uJali.
Uqhube wathi zonke izinsuku uthunyelelwa izithombe ezisabekayo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa ngezendlu yakubo emise okwenyoka. Kushiwo nezinto ezisabekayo okuthiwa ziyenzeka kuyo.
“Engikwaziyo wukuthi abebesonta kuleli sonto bebenziwa ukuthi bakholwe yilokho okushiwo kulo futhi akekho obeke akhulume ngokwenzeka kulo. Angazi noma leyo ndlela iyona yini okukhonzwa ngayo uSathane. Angazi ukuthi yini le ebiyenza ukuthi abantu bakholwe yilokhu ebebetshelwa kona yize abanye babo befundile,” kusho uJali.
Uthe ngeke alivule isonto uzoqhubeka nebhizinisi likayise lokudayisa amabloksi.