BEKUNGABANTU abebecwile ezinkambeni zikaFaro abahlubane ngequpha ngesikhathi kukhankasa iPhini likaMengameli we-ANC, uMnuz David Mabuza, eNewcastle.
Lena incazelo enikezwe ubuholi be-ANC kwisifunda eMalahleni, emva kokusabalala kwama-video ekhombisa abantu, abanye abafake izikibha ze-ANC, betholana phezulu oSizweni, lapho bekukhankasa khona uMabuza ngoMgqibelo.
La ma-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana akhombisana abantu abafake izikibha ze-ANC betholana phezulu nedlanzana labantu abangafake mfaniswano.
Emva kokusuka kwalesi siphithiphithi, uMabuza akabange esaya ehholo elikuleli lokishi, lapho bekufanele khona akhulume emhlanganweni womphakathi.
Akucaci ukuthi lokhu kuhoxa kukaMabuza kulo mhlangano womphakathi kuhlobene yini nesiphithiphi esisuke kuleli lokishi.
Yize kunamahlebezi okuthi lesi siphithiphithi sisuke emva kokuthi amalungu omphakathi ezame ukuxosha amalungu e-ANC kule ndawo, kepha ubuholi be-ANC kulesi sifunda buyakuphika lokhu.
Ngokwemibiko, amalungu omphakathi abengeneme ngoqokelwe ukuba amele i-ANC kulolu khetho, abefuna ukuba kungene uMnuz Bheki Thwala esikhundleni.
Kepha unobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Chris Mhlophe, uthe le mpi ibingahlangene nakancane ne-ANC.
Uthe abantu ababonakala belwa kula ma-video bebezidlele amankwebevu futhi abasiwona amalungu e-ANC.
Uthe uqale ukubabona emini yasekuseni bedla ubusha babo, kubonakala ukuthi abakaze babuthi quthu ubuthongo.
UMhlophe uthe uthuke woma nasozwaneni uma esebabona sebelwa bodwa la bantu ntambama.
“Abawona amalungu e-ANC la bantu. Omunye wabo uze wasitshela ukuthi singangeni kubo ngoba yena uyilungu lenye inhlangano. Yebo kwi-video bakhona abantu ababonakala befake izikibha ze-ANC kodwa phela abanye abantu uma sikhankasa bayazicela izikibha ze-ANC.
“Kodwa iqiniso ukuthi laba bantu bebenezinkinga zasekuhlaleni, ebezingahlangene ne-ANC. Bekungabantu nje abahlanu noma abayisithupha abebeziphuzele,” kusho yena.
Uthe konke kwahamba kahle ngesikhathi kuqokwa ozomela i-ANC kulolu khetho.
“Akukho mhlampe ukuthi kukhona abangajabule. Abanye balabo ababengenele umbango bebekhona, sikhankasa nabo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi awukho umbango.”
Izolo uMabuza uphothule umkhankaso wezinsuku ezimbili esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngokukhankasa kwisifunda iJosiah Gumede, eMnambithi.