KUTHUKUTHELISE umphakathi ukudedelwa ngebheyili komsolwa wokuqala ecaleni lokubulawa kuka-Andile Bobo Mbuthu, phezu kokuba iNkantolo yeMantshi eVerulam yasichitha isicelo sabasolwa sebheyili.
Ummeli kaMnuz Mlungisi Thabethe (26) umsolwa, kuthiwa ngoLwesibili ngesikhathi kuvele abasolwa utshele inkantolo ukuthi umsolwa ungaphandle ngebheyili kaR10 000 ayinikwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngemva kokudlulisela kuyo isicelo sakhe ebesichithwe yiNkantolo yeMantshi eVerulam.
Abasolwa abayisithupha okungoMnuz Mlungisi Thabethe (26), Lindani Ndlovu (26), Siyanda Msweli (26), Malusi Mthembu (27), Mncedidi Mzobe (27) no- Andile Nhleko (27) babhekene necala lokubulala ngesihluku uMbuthu (16) waseHambanathi, oThongathi, obewumfundi kuGrade 12 eParktown Boys High, owabulawa ngoMeyi.
UMnuz Fata Shandu osekomitini lokuvikelwa komphakathi uthe namhlanje bazomasha ngenhloso yokutshengisa ukungenami ngokudedelwa komsolwa abakholwa ukuthi bekungafanele.
“Sidumele kabi ngokudedelwa kwakhe futhi ukuba ngaphandle kuhlukumeza abantu abaningi ngoba isihluku okwabulawa ngaso uBobo sasithinta sonke. Kuyasimangaza ukuthi kungani enqatshelwe ibheyili kwenye inkantolo adedelwe enye?” kubuza uShandu.
Uthe okubaphatha kabi wukuthi baningi abathole izinsongo okuthiwa zivela kumsolwa kanti uthe waziqala engaphakathi, okungesinye isizathu esenza babhikishe ngoba bamfuna engaphakathi.
Inkantolo inqume ukulihlehlisela uDisemba 2 nonyaka leli cala. Iveze ukuthi ilinde imiphumela yolibofuzo olwathathwa kubasolwa ukuyohlolwa, kubuye nokuqophekile kumaselula okuwubufakazi bokuthi abasolwa bebexhumana.