MHLENGI SHANGASE
N JENGOBA kuhlale kushunyayelwa ivangeli lokuzithiba entsheni, uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo unxuse abafundi ukuthi baqale bahlole ngaphambi kokuzibandakanya nocansi, ngoba ngokocwaningo olwenziwa, abafundi besifazane abaningi yibona abafika emanyuvesi behaqwe yingculazi.
UDhlomo uthe ngokocwaningo abesilisa basuke bengahaqekile kodwa bahaqeka uma sebefunda emanyuvesi.
“Amantombazane asulelwa ngegciwane lengculazi ngo-sugar daddy besafunda ezikoleni zamabanga aphezulu. Bafika emanyuvesi bese beshintsha babayeke o-sugar daddy, bajole nontanga yabo bese bebasulela ngaleli gciwane,” usho kanje.
Uthe laba besifazane bathi beba neminyaka engu-32 sebesebenza bese beshona ngoba basuke sebephile naleli gciwane isikhathi eside.
“Uma behaqeke ena-16 weminyaka, bafa kuqala ngoba basuke sebehlale nalo isikhathi eside. Umfana uthola ukuthi yena ulithole esenyuvesi bese ehlala isikhathi eside. Yingakho sigqugquzela ukuzithiba noma-ke nihlole ngaphambi kokuzibandakanya nocansi,” usho kanje.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokuhlola nokuzithiba kwabafundi eMangosuthu University of Technology, eMlazi.
Uthe uma uya ezindaweni okuhlala kuzo abafundi besifazane emanyuvesi ufica ebusuku kupake izimoto zikanokusho.
“Lezi zimoto akuzona ezabafundi kodwa ngezo-sugar daddy. Uma nginengane yentombazane efunda enyuvesi angiyibheki ebusuku ngo-12, ngoba ngisho ekhaya angingeni ekamelweni layo ngemuva kuka-10 ebusuku. Ngakho ngeke-ke ngithi laba abasuke behamba ngezimoto ezinhle basuke beyobheka izingane zabo ebusuku ngo-12,” usho kanje.
Unxuse abesilisa ukuthi basoke baphinde basebenzise amakhondomu ukuzivikela.
Ululeke nabesifazane ukuthi bangayi ezindaweni ezingagunyaziwe bayohushula izisu, ngoba lokhu kungaba nomthelela omubi uma sebelinyalelwa yizibeletho.
UMengameli womkhandlu wabafundi, uRonnie Madlala, unxuse abafundi ukuthi baziphathe kahle, bazazi bazeleni enyuvesi.
Uthe zikhona izindawo zokuhlolela ingculazi, wathi baningi abafundi ahlale ebabona beyohlola.
“Ayiphele eyo-sugar daddy ngoba nizothola ingculazi. Siyafisa futhi ukuthi eminyakeni eyishumi ezayo sibe nesikhungo sokufundisa odokotela eMangosuthu,” usho kanje.
UMnuz Thami Mchunu, ophethe abafundi kule nyuvesi, uthe abafundi abangacekeli ikusasa labo ngezinto ezingathi shu.
Uthe kwethulwe uphawu lwengculazi ukuze nsuku zonke bakhumbuze abafundi ngendlela okumele baziphathe ngayo.