BAVEVELE eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle, abasolwa abathathu ngokuntshontsha izinkomo eziwu-15 epulazini laseNormandien.
Ithimba lamaphoyisa eliphenya ngokwebiwa kwemfuyo libambisene nenkampani yonogada ezimele, bebelandela umkhondo ngezinkomo okuthiwa zebiwe ngoMgqibelo ekuseni epulazini.
Kuthiwa abalimi bendawo nabo balekelele ngamahhashi abo ukuze kutholwe umkhondo wezinkomo ebezebiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu-33 no-40 baboshelwe icala lokuntshontsha imfuyo.
“Ithimba ebelilekelela ngokuthungatha imfuyo linikele kwelinye ipulazi lapho lithole khona izinkomo zohlobo lweBonsmara ezingu-15 ebezebiwe. Lezi zinkomo zitholwe zifihliwe. Umnikazi wezinkomo osemthethweni ukwazile ukukhomba imfuyo yakhe ebintshontshiwe,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe abasolwa ababoshiwe bavele izolo enkantolo.