UMPHAKATHI waseMfeni, eMid Illovo uhlalele ovalweni ngedamu okuthiwa limbiwe umelaphi wendabuko uMnuz Zamokwakhe “ Bhaka” Nzama, okuthiwa kubuye kuphume uxamu omkhulu ngendlela eyisimanga kulona uvimbe endleleni.
UBhaka kuthiwa umbe leli damu emzini wakhe oseMfeni eduze komgwaqo osetshenziswa wumphakathi wakule ndawo.
Omunye wesilisa wakule ndawo, uMnuz Sazi Mkhize, uthe abazi ukuthi uBhaka ulimbeleni leli damu njengoba sekunoxamu osabisa abantu ophuma kulona.
“Kumanje kuyakhulunywa endaweni ngalo xamu ngoba awukaze ubonakale uxamu omkhulu ngalolu hlobo. Uvamise ukuhlala etsheni elisesangweni lomuzi kaBhaka uphinde ubonakale usuwehla uyongena kuleli damu. Ngendlela omkhulu ngayo uyathusa njengoba awukaze ubonakale uxamu ongaka kule ndawo. Yize kusemakhaya kodwa akuyona indawo ejwayele ukuba noxamu le. Ngisho nomakhelwane bayakhuluma ngawo njengoba izingane sezisaba ukuyodlula ngakhona ngenxa yawo,” kusho uMkhize.
Omunye womakhelwane bakaBhaka, uNkk Lindiwe MaMdunge Kweyama, ukuqinisekisile ukuthi impela uyabonakala loxamu ugcine uphelele edamini likaBhaka.
“ Wona ubungakalimazi muntu kodwa uyabonakala impela. Akuyona indawo enoxamu le esakhe kuyona kodwa kunalo olokhu ubonakala uhlezi endleleni,” usho kanje.
UNksz Musa Mdlalose naye owakhe eduze komuzi kaBhaka, uthe sekuke kwafika izingane zithukile kuyena zithi zibone uxamu omkhulu ngenye indlela ngesikhathi zidlula ngakhona kaBhaka. Nasedamini uthe bake babone engathi kukhona okunyakazayo emanzini engathi kukhona into efuna ukuphuma khona kodwa kugcine kungaphumanga lutho.
Ethintwa uBhaka, uvumile ukuthi idamu lambiwa uyena.
“ Njengoba ngingumelaphi, ngibuye ngisebenzise lona uma kunabantu abadinga ukuthi ngiyobahlambulula ngamanzi ngenxa yokuthi ayikho imifula eseduze ngasekhaya. Okukaxamu ngike ngakuzwa kancane abantu bekhuluma ngakho kodwa angikaze ngiwubone. Sengike ngazinika nesikhathi ngafike ngahlala izinsuku ekhaya ngifuna ukubona ukuthi awuzoqhamuka yini kodwa angikaze ngiwubone,” kusho uBhaka.