UMNDENI wengane eshaywe wumbani ngenkathi iyolanda insipho ebiwasha ngayo egcekeni lakubo, uthi kusekude ukhohlwe wumshophi owehlele.
Umufi, u-Enama Ntuli ( 7) waseMvikiviki, KwaMaphumulo, kuthiwa ubesanda kuqeda ukuwasha amasokisi akhe esikole ngesikhathi eshaywa wumbani ngabo-2 ntambama, ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi umufi obefunda ugrade 2 eNsongonsongo Primary, ubematasa elungisa umfaniswano wakhe ngoba ubezovuka aye esikoleni ngakusasa (izolo).
Kubikwa ukuthi ngenkathi u-Enama esanda kuqeda ukuwasha, kube nefu elimnyana nebelikhomba ukuthi liyadlula.
Kuthiwa umufi ophume endlini egijima ngenhloso yokuyolanda insipho, ushaywe wumbani obungakhombisi nhlobo ukuba yingozi.
Umfana wakamakhelwane obehlezi nogogo nomufi endlini , kuthiwa uzithele phezu kwesidumbu sika-Enama eduze kwalapho abeyolanda khona insipho.
UNksz Ntombizodwa Madiba (55) ongugogo kamufi, uthe umndeni usakhungathekile ngokushona kwengane obungakalindeli ukuyingcwaba. Uthe kusenzima ukwamukela ukuhamba kwayo kuwo wonke umuntu wasemndenini.
“ Izulu elibulale ingane belingenamandla kangako futhi belibonakala lidlula. Kusekude ukuthi sikhohlwe okusehlele njengoba besisenamaphupho amahle ngomzukulu wami. Bengiqala ngqa ukuba wugogo ngo-Enama,” kuzikhalela ugogo kamufi.
Eqhuba uthe asisihle neze isimo kunina wengane obehlala ngokuhlukana nayo. Ephetha uthe umufi ubeyingane ebihlonipha nebizothile.