KUBE nenjabulo enkantolo yeMantshi eThekwini ngesikhathi imantshi inquma ukuthi agcinwe esitokisini izinsuku eziyisikhombisa osolwa ngokudubula kufe uMnuz Mlungisi Mbewana endaweni yobumnandi eSpringfield eThekwini.
Imantshi uNksz Melanie de Jager ikuhlehlisele uLwesihlanu ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikaMnuz Jonas George Tsautse. Uzogcinwa esiteshini samaphoyisa eSydenham.
UTsautse unecala lokubulala nelokuqhumisa isibhamu esakhiweni kugcwele abantu.
Bekulindeleke ukuthi acele ibheyili ngoLwesihlanu oludlule kodwa uMbuso wafaka isicelo esiphuthumayo sokuba welulelwe isikhathi sokuphenya.
Umshushisi u-Advocate Calvin Govender, uthe uMbuso ubungakakulungeli ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikaTsautse.
Uveze ukuthi kusadingeka kuqinisekiswe amakheli ezindawo ezimbili eSandton eGoli, naseMatatiele lapho kuhlala khona uTsautse. Uthe amaphoyisa abesaqinisekise amakheli ezindawo ezimbili zemizi kaTsautse KwaZulu-Natal.
“Asinawo umazisi nencwadi yokuhambela amazwe kaTsautse. Sihabule nokuthi kungenzeka ukuthi akasona isakhamuzi saseNingizimu Afrika. Sifuna ulwazi ngamabhizinisi akhe nempahla anayo futhi asikatholakali isibhamu esasetshenziswa kubulawa,” kusho uGovender.
Uthe ukukhululwa kukaTsautse manje kungabeka impilo yofakazi engcupheni abaveze ukuthi bayesaba.
“Ngaphandle kofakazi alikho icala. Badinga ukuvikelwa futhi angadalulwa amakheli alapho behlala khona. UMbuso usuluphothulile uhlelo lokukhonjwa kukamsolwa ngofakazi,” kusho uGovender.
Ummeli kaTsautse, u-Advocate Sydney Alberts, unxenxe uNksz De Jager ukuba angakunaki okufunwa wuMbuso kodwa kuqhutshekwe kulalelwe isicelo sebheyili.
Ubeke isizathu sokuthi yini evimbe amaphoyisa ngezinsiza kusebenza eziningi anazo, ukuthola umazisi, incwadi yokuhambela amazwe kaTsautse nokuthi aqinisekise ubuzwe bakhe kusukela ngo-Okthoba 6 okuwusuku azinikele ngalo emaphoyiseni eSydenham ephelezelwa wummeli.
UNksz De Jager uvune uMbuso esicelweni sawo wathi sincane kakhulu isikhathi sokuphothula lonke uphenyo mayelana necala.
Uthe ukuze icala lingabi nokuchema, kubalulekile ukuvikelwa kofakazi. Ube esetshela uTsautse ukuthi uyoze abuyele enkantolo ngoLwesihlanu, lokhu kuchwazise inkantolo ebigcwele abebezokweseka uMbuso.
Umngcwabo kaMbewana waba wundabuzekwayo usezingeni eliphezulu, ababewuhambele beswenke beconsa.