BAHAMBELA phezulu abeseka owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, emva kokuba evunwe yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu esicelweni sakhe sokuba kuhlehliswe ukulalelwa kwecala lakhe lenkohlakalo.
Izolo inkantolo ikuhlehlisele u-Agasti 10 kuya ku-13 ukulalelwa kwaleli cala, lapho abameli bakaZuma bezokwenza izethulo zokuba kushenxe umshushisi wecala abamsola ngokuchema, u-Advocate Billy Downer.
Ukulalelwa kwaleli cala kuhlehliswe emva kwesicelo sikaZuma sokuthi akahambisani nokuthi leli cala lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
Esicelweni sakhe, uZuma ubephinde wakhalaza nangokuthi izibhelu eziqubuke ezweni zikwenze kwaba nzima ukuba axhumane nabameli bakhe ukulungiselela leli cala.
UJaji Piet Koen unqume ukuba kuhlehliswe ukulalelwa kwaleli cala, wabe eseyalela izinhlaka ezithintekayo ukuba zenze izethulo zokuba kungani leli cala kungafanele lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
U-Koen uyobe esethatha isinqumo emva kwalezi zethulo, ukuthi leli cala kufanele lilalelwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe noma cha.
Abeseka uZuma bakuchaze njengokunqoba ukuhlehliswa kwaleli cala.
Inhlangano, iJacob Zuma Foundation, ithe lesi sinqumo senkantolo sibuyisa ithemba.
“Ekugcineni kube khona ukuhlonishwa koMthethosisekelo. Akukho cala lobugebengu elizoqulwa kusetshenziswa ezokuxhumana ngobuchwepheshe, ummangalelwa engekho futhi engakwazi ukuxhumana nabameli bakhe,” kusho le nhlangano esitatimendeni.
Indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, ithe ibingakulindele ukuthi uZuma uzonqoba.
“Kungokokuqala emlandweni selokhu kwaphatha lo hulumeni ukuba ubaba wami awine icala. Bengingakulindele lokhu,” usho kanje.
Ungoti wezomthetho, u-Advocate Mpumelelo Zikalala, weZikalala Attorneys, uthe inkantolo izame ngakho konke okusemandleni ukuthi ijabulise zonke izinhlangothi ezithintekayo.
“Akujwayelekile ukuthi kube nesimo esikanje, lapho khona singathi zonke izinhlangothi kukhona ezikuzuzile ngesinqumo senkantolo.”
Akusikhona okokuqala kuhlehliswa ukulalelwa kwaleli cala.
Ukuqulwa kwaleli cala bekufanele kuqalwe ngoMeyi kepha kwahlehla emva kokuba uZuma efake isicelo sokuba kushenxe uDowner.
UZuma wamangalelwa okokuqala kuleli cala eminyakeni ewu-15 eyedlule. Usolwa ngokufumbathiswa intshontsho lika-R500 000 laminyaka yonke yinkampani yaseFrance, iThales, eyahlomula ngesikhathi elakuleli lithenga izikhali.
Oweyengumeluleki wezezimali kaZuma, uMnuz Schabir Shaik, wagwetshwa ngecala elihlobene nale thenda yokuthengwa kwezikhali.