BAVUKE umbhejazana izolo bayofuna izimpendulo ngemiholo yabo yezinyanga ezimbili onogada abaqapha amadepho kaMasipala waseMhlathuze.
Onogada, abasebenzela izinkampani ezizimele eziqashwe wumasipala, basole izikhulu zomkhandlu ngokungabahloniphi osekuze kwaphela izinyanga ezimbili zingabaholeli.
Bathe kwaqala ngoNovemba ngonyaka odlule ukuthi imali ingangeni ngesikhathi. Uma bebuza izizathu bangacaciselwa. Wonogada abasebenzela izinkampani ezintathu abebeye emahhovisi kamasipala -CRG Security, Makheda Security naMamandl’ Omkhonto Security.
Omunye wonogada, ongathandanga igama lakhe lidalulwe, uthe abanye babo bayakhokha lapho behlala khona. Kuba nzima kakhulu uma bengaholile ngoba omasitende bafuna imali yabo makuphela inyanga futhi kumele bathumele nemali emakhaya.
“Sinozakwethu sivumelane ngokuthi sihlangane ngaphandle emahhovisi kamasipala khona bezosichazela ukuthi senzenjani. Akukona ukuthi asiyihloniphi imithetho ebekwe nguMengameli Cyril Ramaphosa kodwa yingoba sesiphelelwa amandla okulinda. Sibone ukuthi size lapha sizokhombisa ukuthukuthela kwethu.”
Okhulumela uMasipala waseMhlathuze, uMnuz Mdu Ncalane, ukuqinisekisile ukuthi kube nomhlangano phakathi kukamasipala nezinkampani zonogada ukuzama ukuthola ukuthi yini okube yimbangela yalesi simo.