ZIFUNDA kanzima izingane zesikole samabanga aphansi iSunshine Primary, KwaMhlabuyalingana ezifundela emakilasini ayimijondolo.
Lesi sikole siqale ukusebenza njengenkulisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi senziwa isikole samabanga aphansi. Izingane ziqala enkulisa bese zingena kuGrade 1 ziphume seziphase uGrade 6.
Imithombo ekhulume naleli phephandaba, okukhona kuyo abasebenzi basesikoleni nabazali necele ukuthi kugodlwe amagama ayo, iveze ukuthi isikole sithwele kanzima ngenxa yokudembesela koMnyango wezeMfundo.
OMUNYE wemijondolo esetshenziswa njengamakilasi asesikoleni samabanga aphansi iSunshine Primary KwaMhlabuyalingana
Isikole esinabafundi abalinganiselwa kwabangu-465 sinamakilasi amane ayimijondolo yepulangwe neyokhethe nelingumahamba nendlwana elanikelelwa isikole.
Inkinga ngamagumbi abo wukuthi kungena imvula uma lina kungene namakhaza ngenxa yokuguga kwemijondolo.
Ngokusho komunye wemithombo ngonyaka odlule isikole sicele usizo lwamakilasi eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni.
“Ngonyaka odlule sicele ukuthi uMnyango wezeMfundo usisize ngamakilasi angomahamba nendlwana ngoba sicabangela izingane ngenxa yendlela ayiwona amakilasi. Sithenjiswe ukuthi kuzolethwa amakilasi angomahamba nendlwana kodwa kuze kube yimanje awafikile. Asisathembi nokuthi aseza,” kusho umthombo.
AMANYE amagumbi esikole samabanga aphansi iSunshine Primary KwaMhlabuyalingana izingane zakhona ezifundela emakilasini ayimijondolo nangena amanzi uma lina
Lokhu kuqinisekiswe ngelinye ilungu lesigungu esilawula isikole nalo elicele ukuthi lingavezwa igama.
Lithe bebezimisele ngokwandisa amabanga ngokuthi baqale ikilasi likaGrade 7 ngonyaka ozayo kodwa manje njengoba kungabonakali noma basazolethelwa yini amakilasi angomahambanendlwana abazi noma basazokwenza yini lokhu.
“Kunzima ngempela ngoba besingenawo ngisho amadeski kwamanye amakilasi saze sacela kwesinye sezikole esakhelene nazo basinika. Izingane zethu bezihlala phansi okuyinto ebuhlungu ukuyibuka yenzeka ezinganeni,” kusho ilungu leSGB.
Lithe bafisa sengathi kungaphuthunyiswa uhlelo lokulethwa kwamakilasi angomahambanendlwana.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uMnyango wezeMfundo wesifunda uyazi ngesimo sesikole futhi sebayidlulisela ekomkhulu lomnyango.
Uthe udaba lwesikole lunakiwe futhi sesifakwe ohlwini lwezikole ezidinga ukubhekelwa ngokushesha.