LIFUNA izincazelo ikomiti elibheka ukusebenza kwezimali zomphakathi, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) kwiSassa ngokusebenza kukaR4 million kuhlelwa umcimbi owodwa KwaZulu-Natal. Leli komiti lithi mithathu imicimbi eyahlelwa, uwodwa wabiza uR4 million.
USihlalo waleli komiti uMnuz Themba Godi, ugxeke ukungalandelwa kwemigudu efanele ngesikhathi kusebenza imali engaka ngomcimbi owodwa.
KuR4 million kuthiwa kwaqashwa itende ngoR485 000, izindlu zangasese ngoR490 000, ukuhlobisa izihlalo ngoR487 000, okokwendlala phansi etendeni ngoR482 000, ukuphekela izicukuthwane kwaba nguR493 000, izinto zokuthutha kwaba nguR493 000, i-sound system yaba nguR492 000, kwathi izipho zaba nguR480 000.
Isikhulu seSassa esasibambile uNksz Pearl Bhengu kuthiwa uyagula ngakho akakwazanga ukufika azochazela ikomiti izolo ePhalamende.
“UNksz Bhengu waphuthuma ukugunyaza le micimbi, wakwenza lokhu ngaphandle kokufuna ama-quotations amathathu okuyinto edingekayo. Kuyacaca ukuthi kwanyuswa imali kule micimbi,” kusho uGodi.
Uthe ibamba lesikhulu esiphezulu uMnuz Abraham Mahlangu, noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Susan Shabangu bazibophezele ekutheni zizothathelwa izinyathelo izikhulu ezithintekayo nemali izobuyiswa uma kunesidingo sokuthi ibuye.
“Sinxuse uNkk Mahlangu ukuthi ayibheke indaba yonogada abanikwa uNksz Bhengu kusuka ngo-2012 nemali eyasebenza kulokhu. Sizoyibheka eyokuthi ngelanga esiyophonsa ngayo imibuzo le nhlangano kube nomnyango kamgcinimafa.”
UMnuz Tim Brauteseth, okhulumela iDA kwiScopa, uthe bazobhalela uNksz Shabangu ukuze kuthathelwe izinyathelo ngokushesha owayenguNgqongqoshe walo mnyango uNksz Bathabile Dlamini noNksz Bhengu ngokusebenzisa uR16 million ngemicimbi engaqondakali.
“Emhlanganweni weScopa kuvele ukuthi uNksz Bhengu wasayina uR16 million ngoDisemba nyakenye ukuze kwenziwe imicimbi yokufundisa kungalandelwanga imigudu efanele.
“Baphendula iSassa ibhange labo lokushushumbisa imali ngezinto ezingabasizanga ngalutho abantu abahola imali yempesheni,” kusho uMnuz Brauteseth.
Uthe ukususwa kukaNksz Bhengu KwaZulu-Natal akusizi ngoba wenza umonakalo omkhulu wathi kumele amiswe ngokushesha kusenziwa uphenyo, uma etholakala enecala abuyise le mali eyasebenza.