NGESIKHATHI iningi labantu lizijabulisa ezindaweni zokugcebeleka, izolo abazali basebenzise iholidi ukuze bayothengela izingane zabo umfaniswano wesikole.
Isolezwe lihambele kwaGem Schoolwear osenkabeni yeTheku, kugcwele abazali nezingane ezizolinganisa umfaniswano wazo.
Iningi labazali lithe alifuni ukuzithola selingena komashonisa liboleka imali yokuthenga imifaniswano, imali ebeyikhona selithenge ngayo izingubo zikaKhisimusi nezicoficofi zokuzijabulisa.
UMnuz Nkosingiphile Ngcobo, uyise kaBusisani Ngcobo, ofunda * -grade 6 eNdimose Primary, eNdwedwe, uthe ngaphambi kokuthi athenge izingubo zikaKhisimusi noma ukudla uqala ngokuthenga umfaniswano wezingane zakhe ezine nezimbili zikamfowabo.
UNgcobo ungomunye wabazali abebezothenga umfaniswano kwaGem Schoolwear, izolo.
“Lapha ngizothengela abafana bami ababili umfaniswano. Ngicabanga ukuthi ngizosebenzisa uR2 500. Laba abanye ngizobathengela kwezinye izitolo ngoba owabo umfaniswano, izingubo ezimhlophe, azikho lapha. Ngizohamba ngiyozicosha kwezinye izitolo futhi azibizi. Ngihlele ukuthi ngizosebenzisa uR5000 ezimpahleni zesikole, kuzothi uma sengiqedile ngomfaniswano bese ngithenga izinto zokubajabulisa. Uma kushoda kuyoshoda zona,” kusho uNgcobo.
UNksz Ncamisile Nsele waKwaBester ubezothengela indodakazi yakhe, uSlindile Mhlongo (13) ezofunda * -grade8 eJG Zuma. Uthe yonke iminyaka ngaphambi kokuthi athenge izinto zikaKhisimusi uqala ngomfaniswano.
UNkk Beauty Khanyile waseNanda, unina kaNokwanda Khanyile (12), oyofunda * -grade 8 eMvaba High uthe umfaniswano uwuthenga ngoDisemba ngoba engafuni ukuthi uma imali isiphelile ayoboleka komashonisa.
“Ngizosuka lapha ngiyothenga i-stationery. Uma sengiqedile sengizobona ukuthi ingakanani imali esele bese ngithenga izinto zokuzijabulisa nezingubo zikaKhisimusi. Angikwazi ukujabulela ukuthi ngithenge izingubo zikaKhisimusi okuwusuku olulodwa, ngiyeke ukuthenga umfaniswano ozogqokwa unyaka wonke,”
UMnuz Muhammad Pandor, imenenja yakwaGem Schoolwear, uthe bayakukhuthaza ukuthi abazali bathenge umfaniswano ngaphambi kukaNcibijane, ukuze bathole konke abakudingayo.
“Siyavula nangamaSonto, senzela ukuthi nabazali abasebenzayo bakwazi ukuzothenga. Uma abazali belinda kuze kudlule uNcibijane kumele balindele ukuthi kuzobe sekugcwele kakhulu, okwamanje kusagcwala ngezikhathi zekhefu ngoba abasebenzi abaningi basebenzisa leso sikhathi.“