AMAPHOYISA akholwa wukuthi abambe ofishi abakhulu emkhonyovini wezipoki ezibhubhudla imali yesibonelelo sikahulumeni, iSouth African Social Security Agency (Sassa), kuboshwa abangu-6 namakhadi ezipoki awu-357.
Laba basolwa okubalwa kubo abesilisa abahlanu nowesifazane oyedwa, baboshwe eVryheid kuleli sonto kulandela uphenyo olunzulu lwamaphoyisa nezinye izinhlaka.
NgoLwesine, laba basolwa benqatshelwe ibheyile enkantolo yeMantshi eVryheid njengoba abaphenyi besaphothula uphenyo ngemininingwano yabo eqondile.
Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngo-Ephreli 29. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abesehlale ezithendeni zabasolwa amasonto amabili.
Ngokwemithombo engaphakathi emaphoyiseni, laba basolwa babanjwe behlela imikhuba yabo ehambisana nokuqola kwenye yezindawo zokulala eVryheid.
Kunezinsolo eziqinile zokuthi laba basolwa bayathinteka ochungachungeni lwemikhuba yokuqola eqhubeka kulesi sifundazwe.
Oyisikhulu esiphezulu kwaSassa KwaZulu-Natal, uMnuz Zanoxolo Mpeta, uthe bakujabulele kakhulu ukubanjwa kwalaba basolwa.
“Siyakwamukela ukuboshwa kwabasolwa futhi sishayela ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi oncomekayo.
“Sifisa ukuxwayisa abantu bakuleli ukuthi amakhadi akwaSassa awadayiswa
futhi atholwa kuphela emahhovisi akwaSassa, ukuba nawo ngokungeko emthethweni kuyicala,” usho kanje.
Sekuneminyaka iSassa ibhekene nenkinga yokukokotelwa kwamakhadi empesheni nokubanjwa kwemali esekhadini ngobukhonyovu.
Okhulumela lolu phiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mbizeni Mdlalose, uthe amakhadi abasolwa ababanjwe nawo atholwe ngomgunyathi emnyangweni.
“Amakhadi atholwe amaphoyisa abengagunyaziwe emnyangweni. Awakokoteliwe kodwa amakhadi atholwe ngomgunyathi,” kusho uMdlalose.
Mayelana nokubanjwa kwemali obekuthiwa abantu bayithola ingasaphelele, nakho okuwumkhonyovu obusematheni, uMdlalose uthe lolu phiko bese luyinqobile leyo yimpi.
Uthe ukuba khona kwamakhadi amasha nonobuchwepheshe obuhlukile, yikhona okusizile ukunqanda lesi sihlava.
Umthombo ongaphakathi kulolu phiko, utshele leli phephandaba ukuthi empeleni kulula kabi ukuba namakhadi ezipoki kulolu phiko uma uxhumene nomuntu ngaphakathi.
Okusuke kudingeka nje wukuthi ube nenombolo kamazisi yomuntu ongaholi isibonelelo sikahulumeni, bese ukwazi ukubhalisa ngenombolo yakhe.
Kodwa lo mkhonyovu uthi usuke udinga abantu abaningi okubalwa kubo nowaseMnyangweni wezaseKhaya ngoba kusetshenziswana nawo kakhulu uma umuntu ebhalisela imali yesibonelelo.