ISIKHWAMA esixhasa izitshudeni ngemali, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), silindele ukwamukela ama-laptop okuqala ezitshudeni ezifundiswa yiso nezibhalisile ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngokwesitatimende seNSFAS, kulindeleke ukuthi lama-laptop abe esekhona kusuka ngeSonto, kanti zonke izitshudeni ezihlomula ngaphansi kohlelo zizofaka izicelo ngohlelo lwezobuchwepheshe.
Lesi sikhwama sithe izitshudeni ezihlomula ngaphansi, kumele zingene kwi- website yeNSFAS ethi; www.nsfas.org.za zicindezele i-MyNsfas ukufaka izicelo. Izitshudeni ezifaka izicelo kuthiwa kumele zibe nenombolo kamazisi, eyesitshudeni, isikhungo ebhalise kuso nekheli lakubo.
Ukufika kwama-laptop bekubhekwe ngamehlo abomvu ngoba kulokhu kwamenyezelwa nyakenye wuNgqongqoshe weMfundo ePhakeme iSayensi nobuChwepheshe uDkt Blade Nzimande.
“Izitshudeni ezingabhekelelwe ngaphansi kwesikhwama eziwadingayo ama-laptop, kumele zixhumane nezikhungo ezifunda kuzo ngoba zizowakhokhela amalaptop, bese izikhungo zibe nesivumelwano nalezi zitshudeni ukuthi ziwakhokhele,” ngokombhalo wesitatimende.
Ngokwesitatimende, uNzimande uxhumana nezinhlaka ezithintekayo ngokutholakala kwama- laptop emanyuvesi kanti sekuya emaphethelweni ukugunyaza amanyuvesi ukuthi aqale afake ama-oda. Luzosheshiswa uhlelo lokuthi izitshudeni ezifunda kuma-Tvet College ezingaphansi kwalesi sikhwama, ziwathole.