UMCULI weGqom’ uBabes Wodumo usegcine ephefumilile ‘ngokuhlukunyezwa’ ngabethandana naye futhi obebuye abe ngumphathi wakhe kwezomculo uMampintsha.
UBabes uvulele uMampintsha icala lokushaya ngoMsombuluko kulandela ukusabalala kwe-video avela emshaya kuyo. UMampintsha udedelwe ngebheyili kaR2000 ngemuva kokuvela enkantolo yeMantshi ePinetown, azobuyela kuyo ngoMeyi 15.
NgoLwesithathu uBabes ufake isithombe sakhe noKarabo Mokoena, owabulawa ngesihluku ngonyaka ka-2017 isidumbu sakhe sashiswa ngowayeyisithandwa sakhe.
UBabes ufake lesi sithombe sihambisana nombhalo othi: “ngo=2017 ngalahlekelwa umngani ngenxa yokuhlukunyezwa. Bekungalandela mina, #I’mwalkingaway (ngiyashiya). Bekungalandela mina!! Bekungaba uwena, udadewenu, indodakazi yakho noma umshana wakho...asizona izisulu (zokuhlukunyezwa) singabantu abasindile (behlukunyezwa).”
View this post on Instagram
A post shared by Bongekile Simelane(@babes_wodumo) on Mar 6, 2019 at 12:21am PST
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvela enkantolo uMampintshaa ushiye angalazi ngoBabes, emsola ngokumshaya iminyaka eyisikhombisa bendawonye. Uphinde wasola abazali bakaBabes ngokumqabela ukuthi abe nengane naye.
Uvulele uBabes icala lokushaya naye.
BUKA: Imibuzo ngama-video kaBabes Wodumo nabangani
Okhulumela umndeni wakwaSimelane noBabes kulolu daba uMhlonishwa Langa uthe okwamanje amaphoyisa abengakaxhumani nomndeni ngecala elivulwe uMampintsha. Uthe umndeni uhlela ukuhlangana ngoLwesithathu ntambama ngalolu daba.