SEKUQUBUKE imibuzo kubantu bakuleli ngama-video amabili omculi weGqom’ uBabes Wodumo ezipholele nabangani bakhe ngesikhathi kuqhubeka udaba lwakhe noMampintsha, abavulelene amacala okushaya naye.
Abantu abaningi abebephawula ngalawa mavideo bebebuza ukuthi kanti bekungashiwo ukuthi usesibhedlela njengoba ebonakala ezipholele kulawa mavideo.
UBabes ubonakale kulawa ma-video ephawula okokuqala ngalolu daba ngemuva kokungaveli esithangamini sabezindaba ebisibizwe nguye nomndeni wakhe ngoLwesibili ekuseni.
Kwivideo yokuqala esabalelele kuzwakala oyedwa wabesifazane abahlezi noBabes ekhuluma naye ethi, “Lalela uma sesiyombopha uMampintsha kufanele sigqoke izingubo ezimnyama zodwa, lezi ezivaleke njengamasulumani.” Omunye ngemuva uzwakala evumelana naye ethi ‘nezibuko, namaduku.”
UBabes, omi phambi komuntu othatha ivideo, uphendula athi: “besengikhathele”, avumelane naye owesifazane athi, “ayilungile ngempela lento ayenzile.”
Kwivideo yesibili, uBabes usuke emi nabangani bakhe bebuka isiteshi sezindaba i-eNCA. Owesifazane othathe le video uzwakala echitha umbiko wokuthi ivideo eveza uBabes eshawa eyomkhankaso. IPublicty stunt yokunuka, uMampintsha usikhotheni…” kusho lo wesifazane.
UBabes ubonakala evula izandla ethi ‘abantu abaningi bacabanga lokho’.
Ekupheleni kwevideo yesibili kubonakala abanye abangani bakhe bethi ‘ungaze uthi unomfazi umuntu owhatsaphayo (osebenzisa uWhatsApp). Umkakho lowo?” befa yinsini.
UBabes ubengakakhulumi esidlangalaleni selokhe evulele uMampintsha icala lokushaya kulandela ivideo ayifaka bukhoma ku-Instagram eveza lo msunguli weWest Ink emshaya.
Izolo ngesikhathi abazali bakaBabes bekhuluma nabezindaba bathe akakwazanga ukuphumelela ngoba usanakekelwa ngodokotela.
UMampintsha udedelwe ngebheyili kaR2000 ngemuva kokuvela enkantolo yemantshi ePinetwon. Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvela enkantolo ushiye angalazi ngoBabes, emsola ngokumvuphela ngevideo, ukumshaya iminyaka eyisikhombisa bendawonye waphinde wasola abazali bakhe ngokumqabela ukuthi abe nengane naye.
Uvulele uBabes icala lokushaya naye wabe esethi ufuna amaphoyisa amphathe ngendlela amphathe ngayo ngesikhathi esevulelwe icala.
Uzobuyela enkantolo ngoMeyi 5.