NKOSIKHONA CELE
ASIMGCULISI isigwebo sikadilikajele esinikezwe umsolwa, uNksz Naledi Mlanji ongunina wengane eyathunjwa nguThembelani Mtengwane ngo-2019.
Lokhu wakwenza emuva kokuba ethole ukuthi akasiyena uyise wengane. Wabe eseyithumba, yatholakala ehlathini ePhoenix emuva kwezinsuku ezinhlanu isidumbu sesiqala ukonakala.
NgoMsombuluko iNkantolo eNkulu yaseThekwini imgwebe udilakajele ngecala lokubulala neminyaka engu-10 ngecala lokuthumba.
“Kuhle kona ukuthi inkantolo imgwebe udilakajele. Kodwa mina uThembelani ngimbona efanelwe ukufa nje akukho futhi okunye. Uma kungathiwa uyafa ngingagculiseka ngoba ngabe ubuzwile lobu buhlungu abuzwisa uSibongakonke wami,’’ usho kanje zizehlela izinyembezi uNaledi.
IJaji, uThuthu Mlaba AJ lichaze uMtengwane njengenswelaboya enonya futhi enganandaba nelungelo labanye abantu lokuphila.
Uthe inkantolo imgweba udilikajele ngenxa yokuthi wakhombisa ukuba nonya olukhulu ephuca umntwana omncane omsulwa ilungelo lokuphila.
“Ngaphezulu kwalokho ubulale umntwana obengeyona ingozi kuwena futhi engenawo amandla okuzivikela,’’ lisho kanje.
IJaji lithe kungaba yiphutha nobudlabha ukuqhubeka nokugcina emphakathini umuntu wesilisa onesihluku esifuze lesi.
Lithe kungumthwalo wenkantolo ukudlulisa umyalezo ocacile kwezinye izigcwelegcwele ezingakaboshwa.
Liqhubekile lachaza uMtengwane njengowesilisa ongenandaba nemizwa yabanye abantu.
Lithe uMtengwane waveza olunye uhlangothi lwakhe oluyingozi ngesikhathi ephika unina womntwana enkantolo ethi akamazi.
“INkantolo ihlale phansi yalucubungula kahle udaba lwakho yafinyelela esinqumeni sokuthi ikugixabeze ngodilakajele ecaleni lesibili lokubulala. Kwelokuqala lokuthumba uzogwetshwa iminyaka engu-10,’ ’kusho iJaji.
Emuva kwamagama alo unina kaMtengwane, uNkk Mtengwane ubonakale ephuma egijima eya emnyango akabange esabonakala ukuthi uphelelephi. Ngaleso sikhathi uMtengwane ubebonakala engenankinga nesigwebo futhi engathukile.
UMshushisi, ohlangothini loMbuso, u-Advocate Andre Mairing ngaphambi kokwethulwa kwesigwebo ucele inkantolo ukuba ingalenzi iphutha imane imgwebe uMtengwane.
UMshushisi ukhale ngokuthi akumele babe semphakathini abantu abangenawo unembeza futhi abangakhombisi nokuzisola ngamaphutha abo. Uthe libucayi kakhulu icala likaMtengwane akufanele aphunyuke.
Uyise womntwana, uMnuz Mxolisi Nodangala uthe lesi yisigwebo abevele esilindele. “Akungithusi ukuthi uthole udilakajele. Phela wenze icala elinzima kakhulu. Namanje ngisahlukumezekile,’’usho kanjena.
Ummeli kaMtengwane, u-Attorney Hintsa Dalinkosi uwabekile amaphuzu ezama ukunxusa inkantolo ukuthi imshaye ngoswazi oluncane ngokuthi kungokokuqala umsolwa etholakala enecala.