I-SABC isidalule ukuthi ukususwa kukaMnuz Hlaudi Motsoeneng esikhundleni abesibambile kuyo akusho ukuthi isizoguqulwa imigomo nemithetho ayibeka ngesikhathi esakuso.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye uMotsoeneng wagcina esusiwe esikhundleni sokuba yi-Chief Operating Officer (COO) okuyisikhundla esasusa ukukhuluma ngesikhathi sinikezwa yena kwazise kwakunembuzo ngokuthi ugcine kuliphi izinga ngokwemfundo.
Ngesikhathi esasibambile lesi sikhundla uMotsoeneng wathatha esinye sezinqumo ezinkulu emlandweni we-SABC ephasisa umthetho wokuthi kudlalwe u-90% womculo wakuleli kuzo zonke iteshi zomsakazo ezingaphansi kwe-SABC. UMotsoeneng waqhuba wabeka umthetho wokuthi ngokuhamba kwesikhathi neziteshi zethelevishini ezingaphansi kwe-SABC nazo kumele zidlale u-80% wezinhlelo ezikhiqizwe kuleli.
"Baningi abantu ababa yingxenye yokushaywa kwalowo mthetho ngoJulayi nyakenye. Kodwa ke ithelevishini ayifani nomsakazo, konke kusezandleni zezinkampani ezikhiqiza izinhlelo ukuthi zizilethe kwa-SABC," kusho okhulumela uSABC, uMnuz Kaizer Kganyago.
Umthetho wokudlala u-90% womculo wakuleli emsakazweni engaphansi kwe-SABC wamukelwa amaciko amaningi kodwa ababephikisana noMotsoeneng bakhala ngokuthi ubulala ubunjalo beziteshi ezihlukahlukene ebesezizakhele igama ngokudlala umculo wakuwo wonke amazwe.
"Akukho okuzoshintsha ngalowo mthetho," kuqhuba uKganyago.
Ube esebuza ukuthi umgomo ungaguqukelani ngoba nakhu sekuhambe uMotsoeneng.
"Lento sesiyenza engathi bekuwumthetho wakhe yedwa. Baningi abantu abashiya izinkampani emva kokuba bebeke imigomo ethize. Ngabe lokho kuchaza ukuthi kumele iguqulwe uma sebehambile?" usho kanje.
NgoDisemba nyakenye iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape yakhipha isinqumo sokuthi asikho isikhundla okumele sibanjwe uMotsoeneng kwaSABC. Lesi sinqumo saphuma kulandela izikhalazo ezafakwa yi-DA, icela kuphenywe ukuthi uMotsoeneng wasithola kanjani isikhundla sakhe kwiSABC.