UFUNA ukuhamba ngoJanuwari umdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, ophelelwa yinkontileka ngoJuni.
Nakuba efuna ukuhamba kodwa umqeqeshi wakhe uPitso “Jingles” Mosimane ukhombisa ukuba manqika ngokufanele kwenzeke. Isolezwe lihabule lezi zindaba ngemenenja yakhe (uBilliat) uSiyabulela Loyilane izolo ekuseni. UMosimane usanethemba lokuthi uBilliat angayivuselela inkontileka yakhe. Lokhu kuhlukile nokho kulokhu lo mqeqeshi abekusho ezinyangeni ezedlule ekhuluma sakumduba uBilliat.
“Sihlalele ethembeni lokuthi uKhama uzoyishiya kuleli windi esiya kulona iSundowns. Zikhona izicelo zamaqembu amfunayo. Akhona nawalapha eNingizimu Afrika aseke angithinta ebuza ngekusasa lakhe. Silwela ukuthi ahambe kulona leli windi,” kusho uLoyilane.
UBilliat akazange abonakale emidlalweni emine edlule yeMamelodi Sundowns. Ugaqelwe yi-Al Ahly yase-Egypt ne-Al Nasr yase-Saudi Arabia. Elinye uqembu elimfunayo yiZamalek yakhona e-Egypt.
KwiSundowns uBilliat usezinqobe zonke izicoco zePSL. Ushaya ngezimbili ze-Absa Premiership, Nedbank Cup, Telkom Knockout, CAF Champions League neseCAF Super Cup.
Useke wayibamba nakwiFifa Club World Cup ngonyaka odlule ngoDisemba. NgoJanuwari ubegijima kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon. “NgoLwesihlanu (kusasa) ngizobe senginawo umqondo wokuthi uBilliat uya kuphi. Okwamanje sisazobheka izicelo,” kusho uLoyilane.
Ngemuva kokushaywa yiCape Town City okuwumdlalo uBilliat abewubuka nezihlwele, uMosimane ubuziwe ngendaba kaBilliat. Impendulo yakhe ikhombise ukuthi uyathanda ukuthi ahlale kodwa futhi akancengiwe ukuthi ahlale uma engasafuni.
“Indaba yakhe ifana nekaMesut Ozil kwi-Arsenal. Sifuna ahlale. Sifuna ayivuselele inkontileka kodwa konke kusezandleni zakhe. Akufanele sikhohlwe wukuthi vele akasadlali kithina. Mine kumbe mihlanu imidlalo aseyidlalile? Ngiyathanda ahlale kodwa uma eqoka ukuhamba ngeke ngimvimbe. Iyamvumela inkontileka ukuthi kube nguyena onamandla. Ungayaphi uma ushiya iSundowns?” kusho uMosimane sakuchoma ngoLwesibili.
Nokho bakhona abadlali asebeshiye iSundowns baya emaqenjini ePSL. URamahlwe Mphahlele usuke kwiSundowns waya kwiKaizer Chiefs kanti noLeonardo Castro uzoya kuyona iChiefs uma sekuvulwe iwindi lokushintshana ngabadlali.
Phambilini iChiefs ike yabalwa emaqenjini abefuna ukusayinisa uBilliat. Kodwa akwaziwa noma ingamnika yini imali ayifunayo njengoba esuka kwiSundowns.