UFUNA ubulungiswa kwabomthetho umlisa waseMtubatuba othi wadayiselwa yisikhulu samaphoyisa imoto entshontshiwe engazi.
Leli phoyisa lomgwaqo liphonswe ezikhindini nabanye ozakwabo abathathu abangamaphoyisa ophiko oluphenya ngezimoto ezebiwe.
Kuthiwa iphoyisa, elidabuka eMtubatuba kodwa eliyisikhulu eGoli, lahlangana nozakwabo ePolokwane lapho belisebenza khona, ladayisela owesilisa nonkosikazi wakhe imoto ngosizo lomlamu wakhe osanda kudutshulwa.
Imoto, okuyiKia Rio, kuthiwa yadunwa kowesilisa ePolokwane ngo-2013 kodwa amaphoyisa aze ayibamba eMtubatuba ngasekupheleni konyaka odlule.
Owesilisa, ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi bese beyikhokhele imali engaphezulu kuka-R100 000 imoto kubalwa nediphozithi nemali abebeyikhokha ebhange nyanga zonke.
Okumphatha kabi lo mlisa wukuthi nomlamu wakhe owabaxhumanisa nephoyisa usanda kubulawa ngesihluku.
“Senginikele konke kwabomthetho ngalolu daba. Ngesikhathi sithenga imoto sasazi ukuthi iphuma egaraji. Nangesikhathi kuvela ukuthi intshontshiwe leli phoyisa laba umuntu othukayo njengathi. Emuva kwalokho asizange sisayifuna le moto,” kusho lo mlisa.
Abathathu ababoshwe nephoyisa baphenya ngezimoto ezebiwe kodwa bathi bayihlolile imoto bathola ukuthi ayebiwanga kanti izophinde ibanjwe eGoli nokwenza baboshwe nozakwabo.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko kodwa angaqinisekisa ukuthi umsolwa uyisona ngempela yini isikhulu samaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala elivuliwe elokukhwabanisa.
“Kuboshwe abasolwa abane abaneminyaka engu-35 kuya ku-58. Bavele enkantolo yeMantshi KwaMsane,” kusho uCaptain Gwala.
Icala kulindeleke ukuthi libuyele enkantolo ngo-Septhemba 19.