KUZOKWETHULWA amakilasi afundisa abantu ngokuqinisela nokubekezela emsebenzini azoqala namuhla eMakaranga Garden Lodge, eKloof, eThekwini.
La makilasi azokwethulwa uNksz Njabulo Sithole, oyisikhulu esiphezulu seResilience Institute of SA, osemnkantshubomvu ekufundiseni ngokuqinisela. UNksz Sithole, owafundela ukuba yiPsychologist, uthe ukuqala la makilasi kumbuyisela emsebenzini wokweluleka abevele ewuthanda.
“Ukuqinisela kubalulekile ngoba izimo esiphila ngaphansi kwazo zidinga abantu abaqinile. Thina bantu abamnyama siyakwazi ukuqinisela ngoba sisuka ezimeni ezinzima. Nokho ayadingeka amakilasi azosikhumbuza asenze siqinisele kakhulu,” kuchaza uNksz Sithole.
Uveze ukuthi uma abasebenzi nabaqashi bengaqeqeshiwe kahle kulo mkhakha weResilience kungalimala ngisho ibhizinisi. Uthe kudingeka izinkampani zihlome ngayo yonke indlela ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi basesimeni esihle sokusebenza.
Uthe kula makilasi kuzobe kukhona nongoti wawo waseNew Zealand ongumsunguli weResilience, okuyilapho kuqale khona ukufundisa ngayo. Uthe bagxile ezinkampanini ezizimele nezikahulumeni ukuze abaqashi babone ukuthi abasebenzi babo baqine kangakanani. UNksz Sithole ubuye afundise abaqashi nabasebenzi ukuthi babhekana kanjani nezimo lapho kunezingxabano emsebenzini.
Ngaphandle kokuba ungoti emkhakheni weResilience, uNksz Sithole ungusomabhizinisi onohlonze. Ungomunye wabasunguli benhlangano Omame Investments, enezinhlobo ezehlukene zamabhizinisi. Uthe naye uyakwazi ukuqinisela ngoba kuthathe isikhathi ukuthi inhlangano ichume kodwa kwasiza ukubekezela. Ukubekezela ebhizinisini wakufunda ekhaya njengoba abazali bakhe bebenesitolo. Uthe la makilasi azoqhubeka ngoba ufuna kube nozinzo ezindaweni zokusebenza, nokuqinisela okuzokwenza ukuthi nezinkampani zenze kahle.