AMAGATSHA eDemocratic Alliance (DA) eWestern Cape agxeke uSihlalo wawo uMnuz Grant Twigg njengoba ethi akanawo amandla okususa uNkk Patricia de Lille esikhundleni sobuMeya. NgoLwesithathu uTwigg ukhiphe isitatimende esithi amalungu avumelene ukuthi uNkk de Lille akhishwe esikhundleni. Ikhansela le-DA eWestern Cape uNkk Vuyokazi Matanzima uthe abakaze bathintwe ngalolu daba kodwa balubona emaphephandabeni.
"Ngishaqekile uma ngizwa ezindabeni kuthi kuhlale ikhokhasi eWestern Cape. Angazi ukuthi yahlala leyo khokhasi noma cha ngoba ngangingekho kuyona," kusho uNkk Matanzima. UNkk de Lille uthe udinga ubufakazi bokuthi amagatsha aphakamise ukuthi akhishwe esikhundleni sakhe.
USotshwebhu we-DA eCape Town uMnuz Shaun August uthe uthole izingcingo emagatsheni emtshela ukuthi awakaze anikeze uTwigg imvume yokususa uNkk de Lille esikhundleni.
"Ngithole izingcingo kumalungu ethu ekhala ngokuthi awakaze athintwe nguTwigg ngokususa uNkk de Lille esikhundleni futhi abahambisani nesinqumo esithathwe nguye nesigungu sakhe," kusho u-August.
UMholi weDA eWestern Cape uMnuz Bonginkosi Madikizela uchaze uDe Lille njengomuntu owakha izinto ezingekho emuva kokuthi ekhiphe isitatimende esithi kunezinhlelo zokumsusa esikhundleni.
"Kuyishwa ukuthi abantu baya kwabezindaba uma befuna ukuzwelwa esikhundleni sokulinda ukuphothulwa kwezinhlelo. Angiqondi ukuthi kungani abantu becabanga ukuthi ngingashiya isikhundla sokuba ngungqongqoshe ngiyoba yiMeya, akusilo iqiniso lokhu," kusho uMadikizela.
Kulindeleke ukuthi ubuholi obuphezulu beDA budingide ikusasa lika de Lille ngempelasonto.