UMFUNDISI obhekene necala lokukhwabanisa izigidi zamaRandi kuleli uShepered Bushiri, usehlabe uNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Aaron Motsoaledi ngokudalula ukuthi yena nenkosikazi yakhe uMary banama-passport amahlanu.
UBushiri ushicilele isitatimende ekhasini lakhe kuFacebook ngoLwesithathu ekuseni lapho azise khona abalandeli bakhe ukuthi uzozinikela emaphoyiseni aseMalawi ukuze awachazele kahle ukuthi ubalekeleni eNingizimu Afrika.
Uthe isenzo sikaMotsoaledi izolo sokudalalu kubuka umhlaba wonke ukuthi benenkosikazi yakhe banama-passport amahlanu sishiye isithombe sokuthi kunomthetho abawuphulile kanti akunjalo.
“Ungqongqoshe ngesikhathi eveza ukuthi sinama-passport amahlanu umuntu ngamunye ukubeke sengathi lawa maphepha anemininingwano engelona iqiniso. Lolu daba lusenkantolo eNkulu eNingizimu Afrika. Isitatimende sikaNgqongqoshe siqinise ukwesaba kwami ukuthi ngeke ngishushiswe ngendlela efanele eNingizimu Afrika. Ukucacisa nje, sinenkosikazi sinawo ama-passport amahlanu. Kuwo kukhona i-diplomatic passport ne-passport ejwayelekile. Sawanikeze umphenyi onke lawa maphepha,” kuchaza uBushiri.
Uphenyo leSolezwe lithole ukuthi abaholi bezenkolo njengabefundisi bavumelekile ukuthola i-diplomatic passport eMalawi kanye nabaholi abakuhulumeni.
UBushiri uthe bakhetha ukuwagcina amanye ama-passport ngoba ebavumela ukuthi bavakashele amazwe apheshaya ngokomsebenzi wabo.
“Ngifisa ukucacisa nokuthi angizelanga ukuzocasha ngohulumeni waseMalawi kodwa ngizele ukuzothola ubulungiswa ngokoMthethosisekelo waseMalawi,” usho kanje.
Ngokwemibiko evela eMalawi uBushiri nowakwakhe bazinikele emaphoyiseni namhlanje ekuseni.