ISAZI somnotho nomthetho uSolwazi Bonke Dumisa sithi ngeke liyinyuse imalimboleko iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Banks (SARB), okulindeleke ukuthi limemezele i-repo rate namhlanje.
I-repo rate yinzalo ekhokhwa ngamabhange uma ebolekele imali kwiSARB.
UDumisa uthe i-repo rate ulindele ukuthi ihlale ku-6.75% ngoba akukho okwenzekile okushintshe amandla emali, nentengo kaphethroli yehlile ngoDisemba nangoJanuwari.
“Siyazi ukuthi amanye amalungu ekomiti elibhekelele ukunyuswa kwemalimboleko anomkhuba wokujaha ukuyinyusa uma ebona amandla emali edlula u-4%. Akufanele akwenze lokho ngoba amandla emali kufanele abe phakathi kuka-4 no-6%,” kusho uDumisa.
Kuzocaca namhlanje ukuthi abeBhange loMbuso bahambisana noDumisa noma cha.
Uthe neRandi liqhuba kahle kulezi zinsuku uma liqhathaniswa nemali yakwamanye amazwe okusho ukuthi iNingizimu Afrika ayichithi imali eningi uma ithenga impahla kwamanye amazwe.
Mayelana nodaba lweBrexit uDumisa uthe i-Euro iyantenga ngenxa yokuxokozela okwenzeka eBritain.
Kuzokhumbuleka ukuthi abantu baseBritain bavotela ukuthi abasathandi ukuba yingxenye yamazwe anenjongo eyodwa e-Europe i-European Union kwase kuqala uhlelo lweBrexit.
NgoLwesibili uNdunankulu waseBritain, uNkk Theresa May, uhluliwe ephalamende njengoba ebethula isivumelwano sokuphuma kwi-European Union.
Amalungu ePhalamende awu-432 athe awahambisani nesivumelwano sakhe kwathi awu-202 athi ahambisana naso.
UDumisa uthe kuyacaca ukuthi iningi labantu baseBritain alifuni ukuphuma kwi-European Union kodwa abantu abeza nalo mqondo weBrexit yidlanzana elingabathandi abantu bakwamanye amazwe.
Akucaci ukuthi kuzokwenzekani njengoba uNkk May ehluliwe kwazise wayesewasayinile amaphepha okuthi iBritain iyashiya kwi-European Union.