UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema uthi uSihlalo wabo u-adv Dali Mpofu ngeke aye ePhalamende kanjalo noMngcinamfa jikelele uNksz Leigh-Ann Mathys ngeke aye ePhalamende ngenxa yokuthi uyagula.
UMalema uthe uMpofu wumuntu omatasa ohlale esezinkantolo ngakho ngeke bakwazi ukumbuyisela ePhalamende.
Uphinde waveza ukuthi bebemjube e-Eastern Cape ukuthi ayodoba abavoti kodwa wangenza kahle.
“USihlalo wethu wumuntu omatasa kwezomthetho, yize nazo zibalulekile kodwa azisizi ekukhuliseni inhlangano yethu okuyinto esimatasa ngayo njengamanje. Ngeke aye ePhalamende kanjalo noMgcinimafa akayi ePhalamende ngenxa yokuthi akaphilile kahle,” kusho uMalema.
Uthe uSihlalo wabo uzogxila kwezomthetho nasekwenzeni umsebenzi wokukhulisa iqembu njengoba bengamjubanga ePhalamende.
UMalema ubekhuluma esithangamini sabezindaba ebesiseBraamfontein eGoli, izolo.
Uthe bakhathazekile ngemibiko yokuthi kunabantu abavote kaningi okhethweni lukazwelo esho nokuthi kufanele iPhalamende liyalele i-Independent Electoral Commission ukuthi ithuthukise ubuchwepheshe bayo besimanje ukugwema izigameko ezifana nalezi.
Ugxeke amalungu e-ANC ethi akumele igiye ngemiphumelo yokhetho luka-2019 ngoba lucacisile ukuthi abantu abasekho nyama nyambana nayo.
“Iqiniso wukuthi noma bebethi uRamaphosa uhamba ophambili kunabo bonke abaholi be-ANC kodwa uhlulekile ukuthola imiphumela engcono kunekaZuma. Okusho ukuthi kubantu bakuleli uRamaphosa akekho ngcono kunoZuma. Ukube bayamthemba i-ANC ibizothola ngaphezu kuka-80% wamavoti,” kusho uMalema.
Ubonge abantu abavotele i-EFF esho nokuthi ikhombise ukukhula okukhulu KwaZulu-Natal ngenxa yokuthi amaqabane ebesebenza kanzima.
FUNDA:
Uthe yokhetho nezinhlelo ze-EFF ngemuva kokuzuza izihlalo eziwu-44 ePhalamende isuka kwezingu-25.
I-EFF ilale isithathu emuva kokuphuma kwemiphumela kazwelonke ithola u-10.79% wamavoti, ilandela iDA (20.77%) beholwa yi-ANC ezuze u-57.50% wamavoti.
Uthe ngeke bayishintshe indlela abaziphatha ngayo ePhalamende ngoba abantu abavotele i-EFF bayahambisana nayo.
“Sizoqhubeka nokuphusha ukuthi kuchitshiyelwe umthethosisekelo ukuze kubuyiswe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Sizophusha nokuthi kube nebhange likahulumeni ngoba amabhange akhona ayabacwasa abamnyama. Sifuna imfundo yamahhala ngempela hhayi le nto ekhona,” kusho uMalema.
Utshele izintatheli ukuthi ngeke kulalwe ePhalamende ngoba bafuna imitholampilo isebenze imini nobusuku.
“Ngifuna kube nezinyanga ezintathu zokuhlanza amalokishi nezindawo zasemjondolo, kuphele ukuthi abantu bakithi bahlaal nemfucuza. Ngizoba namalungu angalali, acabangayo, siyoshukumisa iPhalamende ngokusebenza abantu bakithi,” kusho uMalema.