IZIPHATHIMANDLA zentandokazi yomdlalo wakuSABC 1, Uzalo, zithe azibakhokhisi abantu abenza inhlolokhono yokungena kulo mdlalo.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi kube nekhasi likaFacebook elikhangisa ngenhlolokhono yokungena kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
“Sekufikile kubaphathi beStained Glass ukuthi kukhona ikhasi leFacebook elikhangisa ngenhlolokhono yoZalo futhi likhokhisa imali ngokungena kule nhlolokhono,” kusho uMarang Setshwaelo okhulumela Uzalo.
Uthe abukho ubuqiniso kulokhu.
“IStained Glass ayikhokhisi ngenhlolokhono futhi ayikho inhlolokhono yoZalo eqhubekayo. Sigqugquzela umphakathi ukuthi ukhumbule ukuthi ayikho inkampani yangempela ekhokhisa ngenhlolokhono lokhu kuyinkomba yokuthi kuyaqolwa,” kusho uMarang.
Leli khasi libizwa nge-Uzalo SABC 1 S5 Auditions/Extras 5th January 2019. Kubhalwe ukuthi inhlolokhono isihlehliselwe uJanuwari 19 futhi isePitoli, eGoli naseThekwini.
Kulezi zinsuku kushubile kulo mdlalo ngemuva kokuthi uMaMlambo ebhoboze ithumba ngokuqamba amanga kukaMaNgcobo ngokukhulelwa. Lokhu wakutshela uNkunzi ngesikhathi sebelungiselela ukuyofihla “umbungu” ngemuva kokuqamba amanga athi uphuphunyelwe yisisu.
Kwenzeka lokhu nje sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi uMfundisi uMdletshe (Glen Gabela), Thobile (Nocxy Mabika) noMxolisi (Nay Maps) bagcine ukubonakala njengoba kwavela ukuthi ngeke babe yingxenye yesizini entsha.
Abasebenza kulo mdlalo sebeqalile ukuqopha ngemuva kokuhlaba ikhefu likaDisemba.