KUTHOLWE isibhamu sigqitshiwe ku-ward 110, eMount Moriah ngempelasonto. Isibhamu sitholwe amalungu e-ANC KwaZulu-Natal abeqhuba umkhankaso iThuma Mina.
Lo mkhankaso wenziwa amalungu ale nhlangano lapho ehambela imiphakathi ehlukene, ahlanze izindawo aphinde alalele izikhalo zomphakathi.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe lo mkhankaso uyasiza ekutheni kuxazululwe izinkinga zomphakathi ezingxenyeni eziningi zezwe.
Uthe bathole izikhali eziyingozi kule ndawo okubalwa nesibhamu.
“Indaba yobugebengu yinto eseqhulwini emkhankasweni iThuma Mina. Izinhlaka zenhlangano zixazulula izinkinga zamalungu omphakathi. Amaphoyisa omkhandlu abizwe kulandela ukutholakala kwalezi zikhali njengoba bekukhucululwa indawo okulahlwa kuyona udoti,” kusho uNkk
Simelane-Zulu.
Unxuse umphakathi ukuthi uqhubeke weseke lo mkhankaso uphinde usebenzisane nabezomthetho.
“Siyawadinga amavolontiya azophuma asize emphakathini. UMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa muva nje wamukele amaphoyisa omkhandlu azoqala umsebenzi eThekwini. Lokhu kuzokwenza ukuthi iqhubeke imizamo yokulwa nobugebengu.”
Ekhuluma ngalo mkhankaso engqungqutheleni yeCosatu izolo eGoli, uRamaphosa unxuse ukuthi abantu babe yingxenye yeThuma Mina ngokuthi basebenzele imiphakathi.
Uthe inhloso yawo ukuzwa izikhalo zomphakathi bese inhlangano ingenelela ukuze zixazululeke.