NGEKE awe amabhizinisi amancane uma zenzeka ziphakamiso zikaNgqongqoshe wezeziMai, uMnuz Malusi Gigaba, othe sekuzothengwa kubona futhi bakhokhelwe ngesikhathi.
UMnuz Ben Bierman onguMqondisi wenhlangano exhasa osomabhizinisi ngezimali, iBusiness Partners Limited, uthe isabelomali sangoLwesithathu sizobhekelele kakhulu osomabhizinisi abancane ngoba uGigaba uyazi ukuthi yibona abazothuthukisa umnotho.
“Siyajabula ukuthi uGigaba umemezele ukuthengwa kwempahla nezinye izinsiza zikahulumeni kosomabhizinisi abancane lokhu kuzosusa imicikilisho eminingi evamise ukubakhiphela ngaphandle. Uma osomabhizinisi abancane bethola amathuba lokhu kusho ukuthi kuzodaleka amathuba omsebenzi bese kungena imali emnothweni wezwe,” kusho uBierman.
Uveze ukuthi amabhizinisi amancane ayawa ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi kuhulumeni kodwa uyathemba ukuth uGigaba uzokushintsha lokhu.
“Kumnandi ukuthi sekuzoba nesikhwama sika-R100 billion sokuthuthukisa osozimboni abamnyama. Siyajabula nokuthi kuno-R2.1 billion ozosiza osomabhizinisi abancane ngesikhathi besacathula. Yizindaba ezinhle lezi ngoba osomabhizinisi abancane bayaludinga uxhaso,” kusho uGigaba.
UMnuz Hugo van Zyl oyisazi somnotho kwaFNB, uthe isabelozimali sigqugquzela abantu ukuthi bagweme izikweletu ngoba nohulumeni uzobopha izifociya njengoba ezimisele ukonga u-R87 billion eminyakeni emithathu ezayo.
“Uhulumeni uzimisele ukufaka imali ngokunyusa intela kwazise unyuse eyempahla, eyeziphuzo, ekagwayi nekaphethroli ephinde isize abantu abalimele ezingozini zomgwaqo. Intela yabasebenzi ayimbi eqolo ngoba inyuswe kancane. Abahola kakhulu bazokhokha intela ethe xaxa ngoba uhulumeni ufuna ukuqoqa u-R7 billion ngentela yabasebenzi,” kusho uvan Zyl.
Uthe okuzojabulisa abantu wukuthi bazobuyelwa yimali uma besebenzise ama-medical aid abo ngokulala esibhedlela njengoba kungabakhona ushintsho.
Abanikelayo nabo bazokhokhiswa intela ka-25% uma benikela ngemali engaphezu kuka-R30 million.
Abanikela ngo-R100 000 ngeke bakhokhe intela.
Abathanda iziphuzo ezinoshukela bazokhokha intela njengoba uhulumeni egqugquzela abantu ukuthi baphile kahle.
“Siyajabula ukuthi uhulumeni uzophinde abheke izindaba zemali yakwi-internet i-cryptocurrency aze nemithetho ezoyilawula. Amafemu angcolisa umoya nawo azokhokha njengoba kune-environmental levy ne-carbon levy. Le ntela izojezisa abasebenza ngoplastici, amabulb kagesi nalabo abangcolisa umoya,” kusho uvan Zyl.
Uthe abonga imali yomhlalaphansi bazojabula ngoba ngeke bakhokhe intela uma bonga u-R33 000 ngonyaka kodwa uma imali isidlula lapho kunentela encane ebanjwa wuhulumeni.
“Uma abantu bonga imali umnotho uyasimama. Ukungakhokhiswa intela kwabantu abongela umhlalaphansi kuzosiza izwe ukuthi libe nemali kugqugquzele nabantu ukuthi bonge ngoba bancane kakhulu abantu abalondoloza imali,” kusho uvan Zyl.