BAFE ujuqu abafana ababili baseLindelani, KwaDukuza, okuthiwa bambozwe yisihlabathi sokuplastela emgodini ngesikhathi belekelela owesilisa obeqashiwe obesithutha ngebhala izolo ekuseni.
UZipho Mtengu (12) noNjabulo Mthethwa (9) abebefunda uGrade 6 noGrade 1 eMavivane Primary, eShakaville, bashonele emgodini owamamitha awu-1.8 ukushona kwawo.
Ukufa kwabo kuqinisekiswe endaweni yesehlo yithimba labatakuli emaphoyiseni nelabezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue.
Indoda ebisebenza nabo, engeyokufika, kuthiwa ihambe iyothulula inhlabathi ngebhala emzini eqashwe kuwo yathi ibuya izolayisha ibhala lesine, yazithela phezu kwalesi sehlo.
Indoda ebiyaziwa ngoR5, iqashelwa ukwakha nomsebenzi wegceke endaweni, kuthiwa ibakhiphile emgodini abafana sebeshonile yase iyohlaba umkhosi. Kuthiwa emva kwalokho wadla phansi. Akwaziwa ukuziphi izinkalo.
Unina kaNjabulo, uNksz Nokuthula Mthethwa, uthe ukubaleka kwendoda kubashiye nemibuzo eminingi.
“Ingane iphume ekhaya iyodlala nezinye emnyango. Igcine isilekelela le ndoda ebithutha inhlabathi ngasemfuleni iqashwe kamakhelwane. Sidumele ngoba le ndoda ibalekile manje asazi sikholwe kuphi,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe umfana wakhe ubengajwayele ukuyodlala lapho efele khona okuyindawo eyihlane eduze komfula iMbozamo ohlukanisa iLindelani naKwaMqhwandeni.
“Bekungangcono sithole indoda ebalekile ichaze kahle khona sizothola isithombe esiphelele. Umfana wami ubezikhululekele ngimshiya ekuseni ngiya etohweni, ngithuke ngoma sengifonelwa ngitshelwa ukuthi angibuye ekhaya useshonile,” kusho uNksz Mthethwa.
Uyise kaZipho, uMnuz Jabulani Khuzwayo, uthe bashaqekile bewumndeni namanje abakholwa ukuthi izingane zimbozwe yisihlabathi. Ubuze ukuthi kungani ibalekile indoda uma kunjengoba ichaza okwenzekile.
“Sidumele kodwa sifuna umthetho wenze umsebenzi wawo. Sizobambisana namaphoyisa ophenyweni lawo. Sifuna kwenzeke ubulungiswa ekugcineni kuvele kahle ukuthi kwenzekeni ngoba esichazelwa kona manje asikukholwa.”
Uthe indodana yakhe bekuwusuku layo lokuba sekhaya izolo ingayile esikoleni esibakhethisa izinsuku zokufunda ngenxa yeCoronavirus.
Umndeni uthe umbiko kadokotela uzocacisa ukuthi babulewe yini. Kuthiwa bafe bebambene, isandla sikaNjabulo sivele ngaphezu kwenhlabathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwalaba bafana.
Uthe kusolwa ukuthi bebelekelela owesilisa obesebenza ngesikhathi bembozwa yinhlabathi yomgodi ombiwe kukhishwa isihlabathi sokwakha.
Ikhansela lendawo, uMnuz Ntobeko Zulu, lithe bathintiwe abomkhandlu abafike bahlola umgodi base bethembisa ukuthi bazoletha ugandaganda uzogqiba uma sekuphothulwe uphenyo.
UZulu obebukeka eshaqekile, uthe iyamangaza indlela obekulula ngayo ukubakhipha abafana emgodini ezibuza ukuthi yini ehlule ukuthi baziphumele.