UQALWE ngelikhulu isasasa umcintiswano wokucijwa nokuvundulula amakhono ezemfashini kwizitshudeni zezikhungo zemfundo ephakeme kuleli. Lo mncintiswano osingethwe abeDurban University of Technology (DUT) ngokubambisana nomnyango wezemfundo ePhakeme nomkhakha wezoBuciko uhlanganisa izitshudeni eziwu-14 eziqhamuka emanyuvesi ahlukene okubalwa iWater Sisulu, DUT neTshwane North TVT.
Inhloso enkulu yalo mncintiswano ukuthi abafundi bacotshelelwe ngolwazi mayelana nezemfashini kusukela kusikwa nokuhluka kwendwangu, imidwebo yemisiko nokusingathwa kwezengqephu. Bazocijwa nangolwazi mayelana nengqephu yaphesheya kwezilwandle kwazise izitayela eziningi zisuke zethulwe khona ngaphambi kokuthi zizodlisa kuleli.
UNothando Madlala owenza unyaka wesibili kwiFashion and Textiles eDUT uthi akakholwanga ekhethwa ukuba ngomunye wabafundi abazoba yingxenye yalo mncintiswano. UNothando uthe leli thuba lisho likhulu kuye ngoba kuningi azokuzuza ngalezi zinsuku ezintathu becijwa ngamakhono ahlukene.
"Ngiyalibonga leli thuba, angikholwanga ngisho ngithola ucingo. Lokhu kusho lukhulu ngoba ngonyaka wokuqala bekunzima ngingazi lutho. Ulwazi esengilizuze eDUT lunzulu selize langibeka kuleli zinga,"kusho uNothando. Lo mncintiswano uzoqhubeka kuze kube isonto bese kukhiphe abaphume phambili.