ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngomsiki wengqephu wakuleli osezakhele udumo nasemazweni aphesheya.
ULebohang Quiteria Kekana (38) udlule emhlabeni ngeSonto ngemuva kokunqotshwa wumdlavuza.
Ngokwesitatimende esikhishwe umndeni wakhe, lo saziwayo ushonele emzini wakhe eMelville, eGoli, ngemuva kokuhlaselwa umdlavuza isikhashana.
Impi yakhe nomdlavuza yavela ngonyaka odlule lapho elinye lamaphephandaba esiNgisi aphuma ngeSonto labika ukuthi lo msiki wengqephu ubuyele kubo eSoweto ngemuva kokuthola ngo-April ukuthi unomdlavuza wohlobo lwe-myeloma.
UKekana waqala ukuduma esasebenza nophathina wakhe ngelebuli labo elaligqokisa osaziwayo abaningi, iQuitera & George. Ngemuva kokuhlukana kwabo, lo msiki wenqephu waqhubeka nomsebenzi wakhe omuhle wakhangisa nakwiParis Fashion Week ngo-2020 esebenzisana nosaziwayo.
Ngo-2018 wagqokisa umculi, uBeyonce, nabadansi bakhe ngesikhathi ezonandisa kuleli kwindumezulu yomcimbi, iGlobal Citizen.