NGINGOWESILISA oneminyaka engu-29 yobudala, nginenkinga maGumede, ubuntu bami bufishane ngale ndlela exakile. Ngesaba ngisho ukuchama phambi kwamanye amajita. Intombi nginayo futhi yinhle kakhulu kodwa nginovalo MaGumede, sengathi angiyanelisi kahle ocansini. Yona ayikaze ikhononde kodwa mhlawumpe inqena ukungiphoxa. Ngibona sengathi ihlaliswe ukuthi ngiyiphethe kahle ngiyinika imali futhi ngiyayondla. Ngesaba nokuthi mhla yathola onobuntu obusezingeni iyokhohlwa yimina. Ngisize MaGumede ngenzenjani?
Impendulo
NGIYEZWELANA kakhulu nawe bhuti ngesimo obhekene naso. Kodwa into engingakuqinisekisa ngayo, akubalulekile ukuthi ubuntu bakho bude noma bufishane, bukhulu noma buncane. Okubalulekile ukuthi umuntu wakho umfudumeza kanjani ngaphambi kocansi. Abanye abantu besifazane abanendaba nosayizi ngoba isigaba sokuqala basuke sebeqedile kusona. Ngingakweluleka ngokuthi uqinise kakhulu ekumwotawoteni usebenzise umlomo nolimu. Phezu kwalokho, uhlale phansi nomuntu wakho umtshele ukuthi uyazenyeza ngobungako bobuntu bakho. Umbuze nokuthi uyamenelisa yini? Umbuze futhi ukuthi yiziphi ezinye izindlela ongenza ngazo ukuze aneliseke. Ngikufisela inhlanhla.