UMBUZO: Nginenkinga kababa wabantwana bami engithandane naye kusuka ngo-2015 ongafuni ukondla izingane zakhe. Uma ngimqonda ngesenzo sakhe ungitshele ukuthi mina angimthandi. Usengumuntu osephuza kakhulu nosethanda amantombazane okuyinto engikhathazayo ngoba ngisamthanda. Ngicela usizo.
Hlengiwe, KwaDukuza
Impendulo:
Yibhekisise kahle le nto ayishoyo yokuthi awumthandi. Kusobala ukuthi zikhona izimpawu azibonayo kuwe ezingakhombisi uthando. Bunjani ubudlelwano benu?
Yicabangisise kahle le nto ukuze uzitholele izimpendulo ozidingayo. Kwesinye isikhathi izenzo zethu zikhuluma ukudlula amazwi ethu.
Nalokuphuza kwakhe nokuthanda amantombazane kuyindlela akhala ngayo noma indlela azama ukukhohlwa ngayo ngokwenzekayo phakathi kwenu.
Yini le azama ukuyibalekela kangaka aze azinikele empilweni yotshwala namantombazane? Uma ngabe ungakazitholi izimpendulo ozidingayo namanje akukho okudlula ukuthi umhlalise phansi ubaba wabantwana bakho ukuthola ukuthi yini ngempela emenza acabange ukuthi awumthandi.
Umbuzo:
Sineminyaka emibili sishadile nomyeni wami. Emva kwezinyangana sishadile ngathola ukuthi ngikhulelwe ngasikhipha isisu engazi ngoba ngangingazimisele ukuphinda ngibe nomunye umntwana ngenxa yokuthi sobabili sifike nabantwana kulo mshado. Angikaze ngikuthole ukuphumula seloku athola ukuthi ngenzani.
Ungikhumbuza njalo ngisho nokuthi ngabe isingakanani ingane ukube angiyikhiphanga. Ukhala ngokuthi ngamncisha ithuba lokuba ubaba. Ngenzenjani ngempela ukuze akhohlwe, nomshado wethu ubuyele esimeni?
Igama ligodliwe, eMorningside
Impendulo:
Isinqumo sokuba nabantwana nokungabi nabantwana akusona osithatha uwedwa emshadweni. Kwakumele umazise kwasekuqaleni umyeni wakho ukuthi awuzimisele ukuba nabantwana. Kube yinto enivumelana ngayo.
Ungamsoli kakhulu umyeni wakho ngokuhlale ekukhumbuza ngoba naye yindlela yakhe azama ukudlulisa ngayo ubuhlungu.
Okubalulekile njengamanje ukuthi uzehlise uxolise kumyeni wakho, bese nithola ukwelulekwa.
Ngaphandle kweziluleko kuzonithatha eside isikhathi ukudlula kulesi simo futhi kugcine kuwuqedile ngisho nomshado wenu.
Umbuzo:
Ezinyangeni ezimbili ezedlule besinezinkinga nomama wabantwana bami wacela ukuthi ke sithathe ikhefu okwesikhashana ukuzama ukulungisa izinto phakathi kwethu. Kodwa kunokuthi izinto zibe ngcono ngibona ziya ngokuba zimbi kakhulu.
Useqale ngisho nokuphuza into entsha kanti ngelinye ilanga ngiyobona abantwana bami ngazithela kumuntu wesilisa engangingamlindele.
Ngeke ngikwamukele ukuthi useqhubekele phambili nempilo. Kanti kuchazani ngempela ukuthatha ikhefu uma ngabe omunye ezoqhubeka nempilo yakhe?
Mnguni, eThekwini
Impendulo:
Kusobala ukuthi umama wabantwana bakho useziqhubekela nempilo yakhe. Indaba yokuthatha ikhefu kwakuyindlela yakhe ehloniphekile yokuthi hlukanani. Ngeke ke umphoqe umuntu ukuthi abe nawe engasathandi.
Sibona kukuhle ukuthi nivumelane kusemanje ngendaba yabantwana nokuthi bazohlala kubani omunye ababone kanjani.
Kubalulekile ukuthi ube nobudlelwano obuhle nabantwana bakho ngisho ungasathandani nomama wabo.
Akumelanga baphazanyiswe okwenzeka phakathi kwenu.
Qhubeka nokuba wubaba oqotho kubona ngisho umama wabo eseziqhubekela neyakhe impilo. Sikufisela inhlanhla.
* Sithumele imibuzo ku: [email protected]
Nisilandele ku Facebook no Instagram: Mo & Phindi